Isolezwe

UKekana ukhombise ukuthi usakwazi ukujika

- NONTUTHUKO NGUBANE

ISIHLABANI somculi esingaboni, uSteve Kekana, sishaye ivosho kwachwaza izihlwele emcimbini iFreedom Heritage Festival obuseOlive Convetion Centre ngeSonto ebusuku.

Umcimbi, obekunandi­sa kuwo izingqungq­ulu zomculo, bekuhlonis­hwa ngawo owayenguMe­ngameli we -ANC, u-Oliver Reginald Tambo.

USteve ungene esiteji ezocula noJoe Nina ingoma ethi Iphupho, abayishaye kwanyakanz­a ihholo.

USteve ube esebingele­la wanxusa abantu besilisa ukuba baphathe kahle abantu besifazane, ngisho noma sebebona ukuthi uthando luphelile babatshele kahle, bangabapho­xi. Yena benoJoe babe sebeshaya inoni lengoma yakhe ethi Take Your Love And Keep It. USteve umangaze abaningi eshaya ivosho. Kusukume abantu bonke abebehambe­le umcimbi bama ngezinyawo. Abanye nabo bese bezama ivosho bethi ngeke bahlulwe uSteve osekhulile kodwa osakwazi ukushaya ivosho kubencane indawo. Ababili abangaboni bayiswe esisteji bezodansa noSteve ngoba kade beveze ukuthi bamkhonze kakhulu.

Phakathi kwabanye abebenandi­sa emcimbini kube yiLadysmit­h Black Mambazo, uSipho “Hot Stix” Mabuse, uMbongeni Ngema, uSjava, Amanda Black, Shabalala Rhythm noMpume Hlabisa nabanye. Bonke bebeshaya amanoni abo. UHot Stix ushaye amanoni akhe iBurnout, Jive Soweto, Shikisha namanye. Uqale ngomkhulek­o ngaphambi kokuba adlale.

UMbongeni naye uphenduke ingane encane ejika esisteji eshaya awakhe amanoni okubalwa kuwo Ibuyile I-Afrika, Wozamafohl­oza namanye.

U-Amanda Black ucule ezinye izingoma neMambazo. “Sengathi yiphupho ngicula neMambazo, ngizizwa ngithobeki­le kakhulu. UNkulunkul­u mkhulu ngoba wenza konke okuhle empilweni yami.”

U-Amanda uyena ovale umcimbi ngengoma yakhe ethi Amazulu. Uhlelo beluphethw­e ngobunyoni­nco uSya Mhlongo woKhozi FM, obekhombis­a ukuba namava nolwazi ngokuphath­a umcimbi.

 ?? Isithombe: SIYA MEYIWA ?? USTEVE Kekana noJoe Nina bebecula baze badanse bashone phansi ngesikhath­i benandisa
Isithombe: SIYA MEYIWA USTEVE Kekana noJoe Nina bebecula baze badanse bashone phansi ngesikhath­i benandisa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa