Liphume ngebheyili iphini lemeya eliboshelwe elocansi
LIDEDELWE ngebheyili kaR3 000 iPhini leMeya kuMasipala waseBaqulusini, uMnuz Mncedisi Maphisa, ngemuva kokuboshelwa icala lokuhlukumeza ngokocansi.
UMaphisa (30) uvele eNkantolo yeMantshi yaseVryheid izolo ngemuva kokuboshwa ngoLwesihlanu olwedlule wagqunywa impelasonto ezitokisini.
UMaphisa oyikhansela le-IFP kulo masipala usolwa ngokuhlukumeza owesifazane maphakathi nale nyanga.
Kuthiwa umsolwa wagibelisa emotweni yakhe owesifazane, wahamba naye waya ehlathini lapho afika khona wamcela ukuba amncele ubuntu bakhe.
Kuthiwa ummangali wenqaba, ummangalelwa wase eziwotawota yena ubuntu bakhe waze wafika kuvuthondaba.
Kuthiwa ngemuva kokuvulwa kwecala kusukume abalingani bakamsolwa kumasipala nobuholi be-IFP eZululand bezama ukuba angaboshwa kodwa lamshonela ngoLwesihlanu njengoba elale ebaliwe.
Kuthiwa kusukuma abaholi beqembu nje, yingoba uMaphisa akaconsi phansi ngisho ebuholini obuphezulu kwi-IFP okufakazelwa ngukuthi bebefuna abe yimeya eBaqulusini kodwa wagcina ekhale ngaphansi isikhundla sobumeya sathathwa nguMnuz Jerry Sibiya.
Abazazi zonke eze-IFP eZululand bathi uMaphisa wakhaliswa ngaphansi wukuthi kunabaholi abaphuma eceleni bamnyundela ngokuthi alukakaqini ukhakhayi kuyena ngakho ukumfaka kwesobumeya kungaba yiphutha.
Amalungu e-ANCWL eBaqulusini abekanise ngaphandle kwenkantolo izolo efuna ukuzozwa ukuthi lihamba kanjani icala.
USotswebhu we-ANC eBaqulusini, uNkk Maria Mabaso, uthe nakuba kungekho okubambekayo okwamanje ngecala kodwa lezi zinsolo zimbi ikakhulukazi njengoba zibhekene nomholi.
USihlalo we-IFPWB, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, uthe umbutho wabo awuhambisani nokuhlunyezwa kwabesifazane, wengeza ngokuthi uma lezi zinsolo ziyiqiniso umsolwa kumele abhekane nomthetho.
Umsolwa uzobuyela enkantolo ngoJanuwari 17 wonyaka ozayo.