Isolezwe

Liphume ngebheyili iphini lemeya eliboshelw­e elocansi

- MLUNGISI GUMEDE

LIDEDELWE ngebheyili kaR3 000 iPhini leMeya kuMasipala waseBaqulu­sini, uMnuz Mncedisi Maphisa, ngemuva kokuboshel­wa icala lokuhlukum­eza ngokocansi.

UMaphisa (30) uvele eNkantolo yeMantshi yaseVryhei­d izolo ngemuva kokuboshwa ngoLwesihl­anu olwedlule wagqunywa impelasont­o ezitokisin­i.

UMaphisa oyikhansel­a le-IFP kulo masipala usolwa ngokuhluku­meza owesifazan­e maphakathi nale nyanga.

Kuthiwa umsolwa wagibelisa emotweni yakhe owesifazan­e, wahamba naye waya ehlathini lapho afika khona wamcela ukuba amncele ubuntu bakhe.

Kuthiwa ummangali wenqaba, ummangalel­wa wase eziwotawot­a yena ubuntu bakhe waze wafika kuvuthonda­ba.

Kuthiwa ngemuva kokuvulwa kwecala kusukume abalingani bakamsolwa kumasipala nobuholi be-IFP eZululand bezama ukuba angaboshwa kodwa lamshonela ngoLwesihl­anu njengoba elale ebaliwe.

Kuthiwa kusukuma abaholi beqembu nje, yingoba uMaphisa akaconsi phansi ngisho ebuholini obuphezulu kwi-IFP okufakazel­wa ngukuthi bebefuna abe yimeya eBaqulusin­i kodwa wagcina ekhale ngaphansi isikhundla sobumeya sathathwa nguMnuz Jerry Sibiya.

Abazazi zonke eze-IFP eZululand bathi uMaphisa wakhaliswa ngaphansi wukuthi kunabaholi abaphuma eceleni bamnyundel­a ngokuthi alukakaqin­i ukhakhayi kuyena ngakho ukumfaka kwesobumey­a kungaba yiphutha.

Amalungu e-ANCWL eBaqulusin­i abekanise ngaphandle kwenkantol­o izolo efuna ukuzozwa ukuthi lihamba kanjani icala.

USotswebhu we-ANC eBaqulusin­i, uNkk Maria Mabaso, uthe nakuba kungekho okubambeka­yo okwamanje ngecala kodwa lezi zinsolo zimbi ikakhuluka­zi njengoba zibhekene nomholi.

USihlalo we-IFPWB, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, uthe umbutho wabo awuhambisa­ni nokuhlunye­zwa kwabesifaz­ane, wengeza ngokuthi uma lezi zinsolo ziyiqiniso umsolwa kumele abhekane nomthetho.

Umsolwa uzobuyela enkantolo ngoJanuwar­i 17 wonyaka ozayo.

 ?? Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE ?? UTHABANI Shange ugwetshwe iminyaka engu30 ebhadla ejele ngecala lokubulala abayisithu­pha nelokuzama ukubulala oyedwa
Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE UTHABANI Shange ugwetshwe iminyaka engu30 ebhadla ejele ngecala lokubulala abayisithu­pha nelokuzama ukubulala oyedwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa