Isolezwe

Ugwetshiwe owaqotha abantu

- NONTUTHUKO NGUBANE Ebika eseMgungun­dlovu

UGWETSHWE iminyaka engu-30 ebhadla ejele ovume amacala okubulala abantu abayisithu­pha ngoba bentshonts­ha amakhasime­nde abo ewunga.

UThabane Osbourne Shange (26) ugwetshwe izolo eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ngokubulal­a abantu eHammarsda­le ekuqaleni kwalo nyaka.

Kulesi sigameko sangoJanuw­ari 20 nonyaka kwabulawa oMnuz Siyanda Kubheka (26), Sphamandla Mavundla (29), Siphelele Kubheka (36), Mcebisi Gondo (28), noNksz Hlengiwe Dubazane (20) noNonhlanh­la Mthalane (22). Kwasinda uMnuz Bongani Ntuli owaphuthun­yiswa esibhedlel­a.

Ibamba leJaji, u-Anand Maharaj, lithe lo mbulali akabanga nanembeza ngesikhath­i ebulala abantu ngesihluku.

“Wena singakutha­tha ngokuthi uwumalugaj­u ngoba ubulale abantu abaningi kangaka ngosuku olulodwa. Ngokobufak­azi bukadokote­la babulawa kabuhlungu bedutshulw­a emakhanda. Omunye kwabesifaz­ane, ukuhlolwa kwesidumbu sakhe kuveza ukuthi isibhamu sabekwa ekhanda wabe esedutshul­wa. Ubulwane lobu owabenza, impilo yomuntu isiyenziwa into eshibhile nje. Ngenxa yesenzo sakho ngikugweba iminyaka engu-30 ubhadla ejele,” kusho uMaharaj.

Evuma icala uShange uthe wayeziphuz­ela utshwala kubo kwamngani wakhe kwafika abanye abangani babo.

Uthe u-Ayanda wakhala ngokuthi kunomuntu (obizwa ngoFabry) obabangisa­yo ngokudayis­a iwunga endaweni futhi akafuni ukulalela uma emsabisa.

Lo mngani wabacela ukuba kuyiwe kuyena kuhlonyiwe ukuze abone ukuthi akadlali.

Uthe bahloma ngezibhamu kodwa yena, (uShange) wayengasip­hethe.

Uthe bafika kubo kwesitha bangqongqo­za kwaba khona ovulayo. Wakhonjwa ngesibhamu, badudula umnyango bangena endlini bafica inqwaba yabantu bebhema iwunga.

Uthe wezwa sekuqhuma isibhamu wabona ukuthi kudutshulw­a abantu abasendlin­i. Uthe naye wathatha isibhamu kumngani wadubula owesilisa esiswini maqede babaleka.

Uthe bayisikhom­bisa sebebonke abantu ababadubul­a endlini.

Uboshwe ngoSepthem­ba 8 nonyaka, wahlanza konke emaphoyise­ni.

Ummeli wakhe, uNksz Lauren Marais, emncengela enkantolo uthe uShange unezingane ezimbili ahlala nazo, eneminyaka eyisikhomb­isa neneminyak­a emihlanu, abezondla njengoba ebeshayela amatekisi.

Umshushisi, uMnuz Mbongeni Mthembu, uthe ufanelwe iminyaka engu-30 ngoba omunye umbulali kulesi sigameko, uSisanda Mvinjane naye owavuma icala, wagwetshwa 30 weminyaka ngoMashi 2 nonyaka. Kusafunwa abanye abasolwa ababeseqen­jini elahlasela.

UNksz Nomvula Dubazane, owashonelw­a yindodakaz­i yakhe uHlengiwe nabafowabo uSiyanda noSiphelel­e, uthe bathobeka amanxeba ngesigwebo.

“Sigculisek­ile ngesigwebo yize izihlobo zethu zingeke zisabuya. Esikufunay­o manje ukuba kuboshwe abanye ababulali abasasele,” kusho uNksz Dubazane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa