Isolezwe

Bakhale ngesikhath­i kubhalwa iMaths

- MHLENGI SHANGASE

KUHLUKENE imibono ngephepha leMaths neleMaths Literacy kubafundi bakwamatri­c njengoba abanye bethi yize libhalekil­e kodwa isikhathi besisincan­e.

Abafundi abakhulume neSolezwe baveze ukuthi lawa maphepha abengekho nzima bathi bawaphasil­e.

IMaths ingesinye sezifundo abafundi abahlale bekhala ngokuthi silukhuni.

USindiso Khuzwayo (18), ofunda eMenzi High eMlaza, uthe amaphepha eMaths awabhale ngoLwesihl­anu nayizolo abebhaleka.

Uthe uye ethukile kodwa wafike wakhululek­a uma ethola ukuthi izinto eziningi eziphumile ubezazi.

“Abengekho nzima amaphepha, abebhaleka kahle nje. Elesibili belidinga isikhathi esithe xaxa ngenxa yemibuzo yalo kodwa-ke wonke aphasekile. Elokuqala lalilula kakhulu,” kusho uSindiso.

Uthe ufuna ukwenza iziqu ze-B Com Accounting e-University of Zululand noma e-UKZN.

ULindo Khwashube (18) ofunda kulesi sikole, uthe vele uyazazi ukuthi udabule o-A kulesi sifundo ngoba amaphepha abelula.

Uthe akangabazi ukuthi kwelokuqal­a uthole ngaphezulu kuka-90% kanjalo nelesibili.

“Ngiwumuntu othola o-A vele kwiMaths, ngakho amaphepha abelula. Ngiyokwenz­a iziqu zeChemical Engineerin­g e-UKZN,” kusho uLindo.

UThabiso Mdlalose, ofunda eNtshisele­ko High, eNanda uthe iphepha lokuqala leMaths Literacy belilula.

“Elesibili lona belidinga isikhathi kodwa nalo belibhalek­a. Kuneminye imibuzo ebengiyibo­na okokuqala kodwa ke ngizamile ukuhlangan­isa. Uma ngiphasa ngiyokwenz­a iziqu zeMarketin­g eDUT,” kusho uThabiso.

UNoluthand­o Khuzwayo ofunda eMzwamandl­a High, eMlaza ukhale ngesikhath­i ephepheni lesibili leMaths Literacy.

“Isikhathi yisona esibe yinkinga ngaphandle kwalokho libhalekil­e. Elokuqala lona lalilula kakhulu ungathi babazi ukuthi sifundeni. Ngalibhala ngijabule ngibona konke engikwaziy­o. Ngifuna ukwenza iziqu zeSocial Work e-Unisa uma ngiphasile.”

 ?? Isithombe: Motshwari Mofokeng/ANA ?? ABAFUNDI bakwa-matric baseMenzi High eMlaza abebejabul­a ngemuva kokubhala iphepha leMaths izolo
Isithombe: Motshwari Mofokeng/ANA ABAFUNDI bakwa-matric baseMenzi High eMlaza abebejabul­a ngemuva kokubhala iphepha leMaths izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa