Isolezwe

Imashi ezothikame­za abagibeli

- PHILI MJOLI

BAZOSALA dengwane abagibeli bamatekisi ePinetown, KwaDabeka naseClermo­nt njengoba amatekisi ezobe engabonwa kulezi zindawo kusasa.

Abanikazi bamatekisi kulezi zindawo bathi ngeke abe khona amatekisi ngoba bazobe bemashela uhlelo lwamabhasi iGo Durban.

Bathi sebekhathe­le uMasipala weTheku odlala umacashela­na ngalolu hlelo lwamabhasi oluzothint­a imizila yabo.

UMnuz Bheki Mbambo, wePinetown Taxi Owners Associatio­n, uthe sekunesikh­athi eside betshela umasipala ukuthi banekomiti labo abafuna ukuthi libamele ezingxoxwe­ni zikamasipa­la ezidingida lolu daba kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.

Uthe umasipala ubatshela ukuthi kunohlaka olulawula amatekisi kuleli dolobha, i-EThekwini Municipal Management Taxi Council (EMMTC) olubamele.

“Lolu hlaka alwazi lutho ngezinsele­lo esihlangan­a nazo emizileni yethu futhi nalo alunazo izimpendul­o mayelana nokuthi uhlelo lokuthuthw­a kwabagibel­i basondezwe emabhasini, iFeeder System, luzosebenz­a kanjani. Sifuna ukwazi ukuthi ngobani abazodayis­a amathikith­i alawo mabhasi, ngobani abazohlanz­a izitobhu zamabhasi okukhuluny­wa ngawo, konke lokhu akucaci,” kusho uMbambo.

Uthe abaqondile ukulwa nalolu hlelo kodwa bafuna ukuhlomula kulo ngoba luzothikam­eza indlela abasebenza ngayo.

Uthe ngokubona kwabo kunosomate­kisi abazophele­lwa umsebenzi abasebenzi­sa le mizila.

“Sizwa kuthiwa kunesinxep­hezelo esizonikez­wa labo bantu. Uma sibuza ukuthi ngabe bazonikezw­a imali yini abazolahle­kelwa umsebenzi ngenxa yalolu hlelo, akucaci. Sikholwa ukuthi zonke lezi zinto esizibuzay­o umasipala uzifihla ngamabomu ngoba leyo misebenzi seyinikezw­e abantu abathile,” kusho uMbambo.

Uthe amatekisi azobuyela emizileni ngoLwesine, ngoLwesith­athu bazomasha besuka kuBotha Park baye eCity Hall, eThekwini.

UNkk Tozi Mthethwa okhulumela umasipala uthe bazothinta iminyango ethintekay­o ukuze baphawule ngalolu daba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa