Isolezwe

Indoda ishe yangqongqa emjondolo

- ZANELE MTHETHWA

KUSOLWA ukuthi uzunywe wubuthongo engasicish­anga isitofu owesilisa oshe wawumlotha emjondolo wakhe eNewlands West izolo ezintatha.

UMnuz Lizwi Deyi (28), odabuka eMbizana e-Eastern Cape, kuthiwa ubehlala yedwa kulo mjondolo oseRiverde­ne khona eNewlands. Isidumbu sakhe sitholwe singumloth­a izolo kanti kusolwa ukuthi umlilo uqale entathakus­a ezunywe wubuthongo.

UNksz Gugu Zulu, oyikhansel­a kule ndawo, uthe uvuswe ngomakhelw­ane bakamufi bemshayela ucingo ngezithuba zabo 5.30 ekuseni.

“Omakhelwan­e bathe babonile sengathi kuyasha emjondolo ekuseni kakhulu kodwa bebengazi ukuthi kukhona umuntu ngaphakath­i. Isihlobo sikamufi esikhulume naso, sithe ubekade ehlukane naso efuna ukuyofudum­eza ukudla. Yingakho kusolwa ukuthi ukhohlwe wukucisha isitofu sikagesi kwase kuyasha,” kusho uNksz Zulu.

Uthe kushe yonke into ebisendlin­i, bese kubonakala kuphela amabhodwe nezinsimbi zombhede.

UNksz Zulu uthe usizwe ngamalungu ekomiti le-wadi bashayela imoto yezidumbu esheshe yafika.

Ngesikhath­i sokuloba besingatho­lakali isihlobo sikamufi uNksz Beatrice Zulu. Obambe ucingo lukaNksz Zulu uveze ukuthi usemsebenz­ini. Kuthiwa kuthunywe yena ukuthi abikele umndeni kamufi oseMbizana ngalo monakalo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe umufi ushonele emjondolo wamapulang­we.

“Kuvulwe idokodo lokufa komuntu emuva kokuba eshe esemjondol­o. Icala liphenywa ngamaphoyi­sa aseNewland­s West. Akwaziwa ukuthi yini equbule umlilo,” kusho uCaptain Gwala.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? IKHANSELA uNksz Gugu Zulu namalungu ekomiti lalo eNewlands West betakula isidumbu sikaMnuz Lizwi Deyi oshe wangqongqa emjondolo
Isithombe:SITHUNYELW­E IKHANSELA uNksz Gugu Zulu namalungu ekomiti lalo eNewlands West betakula isidumbu sikaMnuz Lizwi Deyi oshe wangqongqa emjondolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa