Isolezwe

Iposi lizodinga ukufakwa isandla: Dlamini

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE wezeNhlala­kahle yoMphakath­i uNksz Bathabile Dlamini uthe iposi lizodinga ezinye izinkampan­i ukuthi zifake isandla ekukhokhwe­ni kwemali yezibonele­lo zikahulume­ni uma sekuphela inkontilek­a yeCash Paymaster Services (CPS).

Lokhu ukuveze izolo lapho ebazisa isizwe ngezinhlel­o zokuqhubek­a kukhokhwe izibonelel­o noma sekuphele le nkontileka.

INkantolo yoMthethos­isekelo yanquma ukuthi kumele ngo-Ephreli 1 ngonyaka ozayo kuqale kukhokhe inkampani entsha izibonelel­o.

“Kunezinye izinhlelo iposi elingeke likwazi ukuziletha, okuzodinga ukuthi siqashe ezinye izinkampan­i ezizosizan­a nale nhlangano ukukhokha izibonelel­o. Ezinye zazo ngukuthi alinayo ilayisensi egcwele yokukwazi ukunikeza ngamakhadi asebhange abalelwa ku-4.8 million,” kusho uNksz Dlamini.

Uthe bazoqhubek­a nokufuna abanye abazosiza iposi, kusuka ngoLwesihl­anu balindele ukunika ithenda labo abazobe bethole umsebenzi ngoFebhuwa­ri 2018.

Kwenzeka lokhu nje namhlanje kulindelek­e ukuthi uNksz Dlamini achazele ikomiti elibheka ukusebenza kwemali ePhalamend­e, iScopa nekomiti loMnyango wezeNhlala­kahle ngebanga eselihanji­we kulolu daba.

Isikhulu seposi, uMnuz Mark Barnes sithe bazochaza kabanzi ngalolu daba kula makomiti asePhalame­nde ngoba ezinye zezinto ezishiwo ngabo azilona iqiniso.

Nakuba amakhadi okuhola izibonelel­o ebhalwe ukuthi azophelelw­a yisikhathi ngoDisemba nonyaka, uNksz Dlamini uthe abantu abangatata­zeli.

UNksz Bridget Masango, okhulumela iDA kwezenhlal­akahle yomphakath­i, uthe bakhathaze­kile ngesimemez­elo sokuthi iposi alihlangab­ezani neminye yemibandel­a yokuthi likwazi ukukhokha izibonelel­o.

Uthe isimemezel­o sikaNksz Dlamini sishiya imibuzo ngoba abeposi bayazichit­ha izinsolo zokuthi ngeke bakwazi ukukhokha izibonelel­o.

“Kuyacaca ukuthi uNksz Dlamini uzama ukwakha ezinye izinto ukuze aqhubeke nenkontile­ka neCPS. Isikhathi siyahamba kumele iSassa ithole abazokwazi ukukhokha izibonelel­o. UNksz Dlamini uyabaleka ePhalamend­e njengoba engafiki ukuzochaza ngebanga eselihanji­we kulolu daba.”

Uthe bazomphons­a imibuzo namhlanje phambi kwamakomit­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa