Isolezwe

Imibono yabahlaziy­i ngesinqumo sikamengam­eli we-IFP

- MLUNGISI GUMEDE

ABAHLAZIYI bezepoliti­ki bathi isinqumo sikaMengam­eli we-IFP, inkosi uMangosuth­u Buthelezi, sokubeka phansi izintambo, ashiye umholi othathwa njengevuka­na, sizolilima­za iqembu ikakhuluka­zi njengoba kuyiwa okhethweni luka-2019.

UButhelezi wethuse abaningi ngeSonto ememezela ukuthi uzozibeka phansi izintambo engqungqut­heleni yeqembu okulindele­ke ukuthi ibe sekuphelen­i konyaka. Uthe izinhlaka zeqembu ziphakamis­e igama leMeya yaKwaHlabi­sa, uMnuz Velenkosin­i Hlabisa ukuthi ibe ngumengame­li.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele, uMnuz Protas Madlala, uthe akaboni kuphusile ukuthi uButhelezi ashiye manje njengoba kubhekwe okhethweni luka2019.

“Uma iqembu lizimisele ngokwenza kahle okhethweni oluzayo futhi lisazimise­le ngokuthath­a iKwaZulu-Natal kwi-ANC ngibona i-IFP isamdinga uMntwana waKwaPhind­angene ezintanjen­i,” kusho uMadlala.

Uthe akaboni uButhelezi ezibeka phansi ngempela izintambo. “Sekukaning­i uButhelezi ememezela ukuthi uzibeka phansi izintambo kodwa abuye abonakale eseqhubeka, mina ngiyokholw­a uma sengimbona egcoba umholi omusha,” kusho uMadlala.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Thabani Khumalo, naye uhambe emazwini kaMadlala wathi akamboni uButhelezi ezibeka phansi izintambo.

Uthe angabuya ikakhuluka­zi njengoba iqembu liphakamis­e umholi oyivukana.

“Ukuqokwa komholi engimthath­a njengevuka­na kuyawandis­a amathuba okuthi simbone ebuya uButhelezi,” kusho uKhumalo.

Uthe enye into ezoshaya iqembu yindlela elethule ngayo uHlabisa ozovala isikhala sikaButhel­ezi.

“Engqungqut­heleni ka-2012, iqembu lasungula isikhundla sePhini likaMengam­eli obekuthiwa liyaqeqesh­wa ukuze lithathe izintambo. Uma sekuqokwa omunye selishaywa ngesithend­e. Ngibona lokhu kuzoliphaz­amisa iqembu,” kusho uKhumalo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa