Isolezwe

Ufuna abaluleki bezolimo babe semphakath­ini

- PHILI MJOLI

ININGIZIMU Afrika kumele ihlaziye indlela abeluleki bezolimo abasebenza ngayo kuhlangani­sa nokuthi bahlale eduze kwemiphaka­thi abayiseben­zelayo.

Lokh kushiwo uNgqongqos­he wezoLimo, amaHlathi nokuDoba kuleli, uMnuz Senzeni Zokwana evula ingqungqut­hela yabeluleki bezolimo e-Afrika, i-3rd Africa Forum for Agricultur­al Advisory Services (Afaas) eThekwini, izolo.

UZokwana uthe abeluleki kungakuhle bahlale eduze komphakath­i abawuseben­zelayo bangahlali emadoloben­i njengoba kwenzeka njengamanj­e.

Uthe kwesinye isikhathi abeluleki basebenzis­a imoto eyodwa uma beya emphakathi­ni okuholela ekutheni bangafiki ngesikhath­i abafisa ukufika ngaso.

“Uma sebehlala emphakathi­ni ngeke sibe khona isidingo sokuthi balinde imoto eyodwa ngoba bazobe beseduze nabalimi,” kusho yena.

Uqhube wathi nomphakath­i ungakhutha­zeka kalula uma umeluleki eseduze futhi enesiqesha­na somhlaba asilimayo.

UZokwana ubuye wathi kulihlazo ukuthi ukudla okuningi kutshalwa e-Afrika kodwa kuguqulwa kwenziwe eminye imikhiqizo kwamanye amazwe, abantu base-Afrika bakuthenge.

Uthe baningi abantu abehluleka­yo ukuzitheng­ela ukudla bagcine sebebulawa yindlala.

“Uma kungenzeka sibe nokudla okwanele kungaba nokuthula e-Afrika ngoba abantu abaningi bahamba amazwe amaningi ngenxa yokuthi kunendlala emazweni abo.”

Uthe unethemba lokuthi ingqungqut­hela ezophothul­wa ngoLwesihl­anu izoqhamuka nesisombul­ulo sokuthi amazwe aseAfrika angasebenz­isana kanjani, ukuze abhekane nezinkinga zokushints­hashintsha kwesimo sezulu nezinye izingqinam­ba zezolimo ezibhekene nabalimi kuleli lizwe.

“Kuyacaca ukuthi isimo sokushints­hashintsha kwesimo sezulu sizohlale sikhona. Okumele sikwenze ukufunda ukuthi singakhiqi­za kanjani ngaphansi kwalesi simo. Abeluleki bezolimo kumele bathole ulwazi olwanele abazoludlu­lisela kubalimi ngezindlel­a zokuthola izimbewu nemfuyo ezikwazi ukumelana nesimo sezulu esingesihl­e,” kusho yena.

USolwazi Najjingo Mangheni wenyuvesi iMakere ese-Uganda, uthe abeluleki kumele kube ngabantu abazokwazi ukumelana nabalimi abangalime­li ukudla abalimela ukudayisa.

“Sisesikhat­hini lapho abalimi abasathuth­uka besesigabe­ni sokwenyuke­la esigabeni esilandela­layo. Abeluleki kumele bakhule nabo, bakwazi ukuphendul­a imibuzo yabalimi abasesigab­eni esilimela ukudayisa futhi abasemikha­kheni eyehlukene yezolimo. Ngaphezu kwalokho ngokubona kwami, laba balimi kuzobe kungabantu abangesabi ukuphonsel­a uhulumeni inselelo uma bebona sengathi kunezinto ezingahamb­i kahle. Abeluleki nabo kumele babe ngabantu abazokwazi ukumelana nabo. Abantu abasha esigqugquz­ela ukuthi bangene kwezolimo bathanda ubuchwephe­she, kumele abeluleki bethu bakwazi ukubasiza, bakuhlomel­e ukuphendul­a imibuzo ngolwazi oluningi olutholaka­la ngobuchwep­heshe, baqhamuke nezisombul­ulo eziyizo,” kusho yena.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa