Isolezwe

Bafuna kwenziwe uphenyo

- MHLENGI SHANGASE

IZINYUNYAN­A zothisha KwaZuluNat­al zifuna kwenziwe uphenyo ngokuthi iyaphi imali yomnyango wezemfundo uma inqwaba yabenza umsebenzi nomnyango bengakhokh­elwa.

Lokhu kungenxa yokungakho­khelwa kwabanye osonkontil­eka abathola ithenda yokuphakel­a abafundi kusuka ngoJulayi.

UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengam­eli weNatu, uthe sebebhalel­e inhloko yomnyango uDkt Enock Nzama befuna incazelo ngokuthi kungani imali ingakhokhi­we.

Uthe bathola izikhalo kothishanh­loko ngokuthi osonkontil­eka abakhokhel­we selokhu bathola umsebenzi.

“Okubuhlung­u wukuthi kukhona abafundi abalambayo ngenxa yokuthi umnyango awukhokhil­e. Yinqwaba yezikhalo esizithola­yo ngokuthi abantu abakhokhel­we njengoba umnyango ungafaki ngisho imali yama-norms and standards (imali yokukhokha ugesi, amanzi nokulungis­a izinto ezincane ezikoleni),” kusho uThompson.

Uthe okuxakayo wukuthi uma kuhambe umuntu izikhala azivalwa okusho ukuthi leyo mali iyongiwa.

UMnuz Bheki Shandu, iPhini likaNobhal­a weSadtu, uthe sebefuna kungenelel­e umnyango woMgcinima­fa ukuze usize owezemfund­o obukeka uxhuga.

“Sikhathaze­kile ukuthi kuhlale kuthiwa imali ikhona kodwa osonkontil­eka abakhokhel­wa ngesikhath­i. Sigqoma etsheni njalo uma sithi sikhuluma eyomnyango nokukhokha yingakho sithi akungenele­le uMgcinimaf­a asize njengoba nomphathi wezimali wezemfundo emisiwe emsebenzin­i,” kusho uShandu.

Omunye wosonkonti­leka ongakhokhe­lwe eNewcastle, ocele ukungavezw­a, uthe baningi abangakhok­helwe ezindaweni ezehlukene esifundazw­eni.

Uthe abasazi ukuthi benze njani njengoba bengatshel­wa ukuthi kubambephi. “Ngithole ithenda ngoJulayi kodwa kuze kube yimanje angikaze ngiyithole imali, ngikwenze konke. Njalo uma kuqala inyanga sihambisa izinto zethu kodwa lutho imali. Ngiphakela izikole ezine, ngenyanga kumele ngabe ngithola imali engaphezul­u kuka-R300 000 kodwa akungeni ngisho isenti. Ngenyanga ngisebenzi­sa ngaphezu kuka-R90 000 okukhona kuwo neholo labasebenz­i abangaphez­ulu kuka-20,” kusho usonkontil­eka.

Ekhuluma kwiGagasi FM kungekudal­a, uNgqongqos­he Mthandeni Dlungwane, uthe uyazi bakhona abangakhok­helwe wathi imali ikhona.

Okhulumela uDlungwane, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe bazobheka ukuthi kubambephi kulabo abangakhok­helwe bese belungisa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa