Isolezwe

UTheo Bophela akasekho emhlabeni

- CHARLES KHUZWAYO

UQOLOTHAKA­MANGO emculweni we-jazz, uTheo Bophela (86), akasekho emhlabeni.

Ngokusho kwendodana yakhe, uBarney Bophela, umufi ushonele kwakhe eNanda Mission, eThekwini, izolo ngemuva kokuxinwa yisifo sikashukel­a.

“Uvuke ekuseni wadla iphalishi, wageza. Bathe sebethi bayomgcoba ngezithuba zabo 10 ekuseni, bamfica esethule.”

UBarney uthe uyise uqale wahlaselwa yisifo sikashukel­a ebesimbamb­a sibuye simyeke.

“Kuthe kusuka wayephelel­wa wuthando lokudla. Ubesephila ngokuphuza umdoko nezinye iziphuzo, ukudla kungasange­ni. Bekuthi noma simxina ngokudla, avele akubuyise.”

UBophela wazalelwa eSiphangwe­ni, eMtshezi, ngoMashi 15, 1931.

Unina wamshiya emhlabeni eneminyaka emibili, uyise washona eneminyaka emihlanu, wakhuliswa ngugogo wakhe eMkhumbane, eThekwini.

Waqala ukucula esemncane kakhulu esontweni kangangoba waze waqeqeshwa nguPatrick J Chambers.

Ngemuva kokuphothu­la uGrade 12, wasebenza lapho kwakukhand­wa khona imisakazo. Yilapho aqala khona ukuba nothando lomculo we-jazz. Wagcina esefundela ukudlala upiyano. Wasebenza neSwingste­rs Jazz Band, Chromatic Jazz Band, Keynotes Jazz Group, Theo Bophela Trios & Quartets Jazz Ressurecti­on Orchestra.

Ubenoxhaxh­a lwamakhono futhi uhambele amazwe amaningi okuyiGreec­e, Holland, Australaia and New Zealand futhi wabhidisa iSoweto Jive e- Alkmaar, eHolland, nomufi uSophie Mgcina noTimothy Ndaba.

Ubhale izingoma eziningi ze-Opera ezisetshen­ziswe yiKZN Philharmon­ic Symphony Orchestra neNqwelo Afrika Jazz Group.

Ubambe elikhulu iqhaza ekuqongele­leni imali yokusiza iMasisizan­e Centre eseNanda. Wake wasebenza noGibson Kente emdlalweni wakhe owawuthi Manana The Jazz Prophet nasemdlalw­eni othi Madiba’s Farewell eMarket Theatre eGoli.

Eseneminya­ka ewu-79 wasungula iqembu lakhe iNqwelo Africa futhi wathola o-distinctio­ns abawu-19 ezifundwen­i zomculo e-UKZN.

Ubeyilungu leKZN Arts and Culture Council, Social Transforma­tion Sub-Comittee nezinye izinhlanga­no. Ushiye emhlabeni amadodana akhe amane okunguBong­ani, Barney, Phumlani noScelo. UBarney uthe uyise uzofihlwa emathuneni aseNanda ngoMgqibel­o.

 ?? Isithombe: VAL ADAMSON ?? INGWAZI yomculo we-jazz uTheo Bophela esidlulile emhlabeni
Isithombe: VAL ADAMSON INGWAZI yomculo we-jazz uTheo Bophela esidlulile emhlabeni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa