Isolezwe

UMahlangu uphoqeleki­le ukuzocacis­a

-

IPHINI leNhloko yamaJaji eselathath­a umhlalapha­nsi, iJaji uDikgang Moseneke, kufanele ishayelwe ihlombe ngokushaya phansi ngonyawo ifuna ukuthi lowo owayenguNg­qongqoshe wezeMpilo eGauteng, uNksz Qedani Mahlangu, azokwethul­a ubufakazi esigcawini okuphenywa kuso ngokuthi kwenzekani ngeziguli ezasuswa eLife Esidimeni.

UMoseneke ugcizelele ukuthi bonke abasebenzi abathintek­ayo ekushoneni kweziguli ezazigula ngengqondo ezingu-141, okubalwa noNksz Mahlangu, kuzomele baphendule ngokwenzek­a.

Lezi ziguli zafa uMnyango wezeMpilo eGauteng uphethwe nguNksz Mahlangu yingakho kumqoka ukuthi azokwethul­a ubufakazi ngoba imindeni yalezi ziguli idinga izimpendul­o.

UNksz Mahlangu uthumele umyalezo ngommeli wakhe ethi uzimisele ngokuzokwe­thula ubufakazi kodwa ucela ukunikwa isikhathi sokuphothu­la ukubhala eLondon School of Economics.

Nokho sekuvelile ukuthi lokhu akulona iqiniso. Okokuqala le nyuvesi ikuphikile ukuthi njengamanj­e kukhona abafundi ababhalayo khona kanti okwesibili ikuphikile nanokuthi uNksz Mahlangu ungumfundi wayo.

Ngesikhath­i esula esikhundle­ni sokuba ngungqongq­oshe ngasekuphe­leni konyaka odlule, uNksz Mahlangu wathi uyazisola ngokuthi kugcine kuphume imiphefumu­lo kube kunguyena ohola umnyango. Wathi futhi uyayeseka yonke imizamo yokulekele­la imindeni yabashonil­e.

Sesifikile-ke leso sikhathi, akasigcine isethembis­o sakhe ngokuthi azokwethul­a ubufakazi esigcawini esiphenya ngalesi sigameko.

Le mindeni idinga izimpendul­o ukuze iqhubekele phambili nempilo ngakho kufanele uNksz Mahlangu azophendul­a ngezinqumo ayezithath­a ngesikhath­i ethi iziguli azisuswe eLife Esidimeni ziyiswe ezikhungwe­ni ezingenzi inzuzo.

Lezi zikhungo azikhetha zazingakul­ungele ukunakekel­a iziguli futhi lena yinto eyayaziwa kodwa uNksz Mahlangu waphikelel­a ephula nomthetho weMental Health Care Act okhuluma ngokunakek­elwa kweziguli ezigula ngengqondo nazo okufanele zinakekelw­e ngendlela efanele futhi zihlonishw­e. UNksz Mahlangu nalabo ayephethe nabo umnyango wehlulekil­e ukuzivikel­a lezi ziguli yingakho nje kumele bonke beze bazophendu­la.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa