Isolezwe

Kungabe lalithini izwi labantu zingakafik­i izinkolo eziningi?

-

INYANGA kaLwezi (Novemba) eqala kusasa ngizobe ngibuyela emsakazwen­i Ukhozi FM ohlelweni Ilizwi Labantu oluba njalo ngehora lesihlanu lize liyogamanx­a ngeSonto ekuseni. Uhlelo lolu engethemba ukuthi inhloso yalo enkulu wukubheka emandulo ukuthi IZWI LABANTU lalithini izinkolo eziningi zingakafik­i. Kodwa konke kungomland­o nokulahlek­a kwawo ngezikhath­i zawoSt Augustine. Umbuzo uthi ILIZWI lalithini kumuntu kanjalo nelakhe umuntu uqobo. Nokho esingeke sithi kwakuyinko­lo yase-Afrika kodwa abantu nomsuka wabo ezikhathin­i zamandulo zaseGibhit­he babekholel­wa kukuphi. Kulapho umcwaningi nombhali uJohn Jackson encwadini iChristian­ity Before Christ ebalula khona ukuqala kwenkolo yobuKhrest­u umsindisi uKhrestu engakabi khona.

Ezinkulume­ni esengike ngazethula kulokhu ngizogxila kakhulu esizindeni seZALA. Inkulumo izokube ibhekise ezintweni esathi noma siphucwa ngendlovuy­angena konke okwethu nathi sakuthatha sakulahla emini kwabha ezaleni. Sathi uma silahla kwaba yinkukhu nenja kuphela ezilwaneni zizonke ezabona ukuthi kukhona lokhu esingakubo­nanga esihambe sakulahla nomlotha ezaleni. Zifike zona zanuka wabona inja iququda khona lapho inkukhu yakuvuza ibiza ezinye ithi wozani nizobona isimanga sidleni nakhu bekulahlil­e abanikazi bengaboni. Kungakho namhlanje kunjena ngoba saphanjwa lapho sase silahla esacabanga ukuthi kubi kanti sesithatha lokhu osekusibin­da namhlanje.

Lokhu kuyadabuki­sa ngoba akushayi kuphela umuntu esingabuye simthethel­ele ngokuthi akafundang­a wagogoda kodwa ngisho nabantu abafunde bayikazela amajazi, abaneziqu zonke zasemanyuv­esi. Lokhu kwenza ukuthi isitha somuntu kungabi ngomhlophe nowaseNdiy­a kuphela kodwa ngisho owakubo imbala isifundisw­a sansondo. Baningi abantu bakithi esethembel­e ukuthi ngakube benza ucwaningo olunzulu ngezinto zethu zesintu abasemanyu­vesi kodwa othola bemdibi munye nokuthi konke okwenzekay­o asikho isidingo sakho sibuyisela abantu emuva. Amanyuvesi amaningi namhlanje asededele ukuthi imiqingo yezifundo zobudokote­la neze-masters sezingabha­lwa ngolimi lwethu lomdabu. Kodwa kukhona abasakubon­a bakubuke lokhu njenganent­o esephansi. Ukuveza isibonelo salokhu eminyakeni eyedlule embalwa iNyuvesi i-UKZN yathula ukuthi ulimi lwesiZulu seluzosebe­nza njengazo zonke izilimi kulesi sikhungo semfundo ephakeme. Namhlanje sesithola umnyango wezezifund­o zengqondo nabo sebethula isikole se-Afrikology lapho kuzocwanin­gwa ngokusihlu­phayo okwehlula imithi yasentshon­alanga.

Akukho lutho olusha uma usubheka olwafika nabaseNtsh­onalanga. Kunalokho bafunda kithina okuningi thina esasikugci­ne ngezwi lomlomo hhayi ngokubhala bona base bekuthatha bakubuyisa sekubhaliw­e. Nakhu u-matric uhlalele izivivinyo zabo zokubhala zokuphela konyaka kodwa umbuzo uthi: ngakube laba bantwana bazophuma beya emanyuvesi beyizingan­e ezingamaAf­rika ngokwase- Afrika noma bazobe bengama Afrika ngokomzimb­a kodwa ngokwemfun­do bengabaseN­tshonalang­a?

Namhlanje asinazibay­a saphucwa umhlaba namathuna, esinakho kuncike komhlophe. Ngo-1994 sajatshuli­swa ukuyohlala nabo esilungwin­i esesithe uma sesifuna ukuhlaba kwathiwa thola imvume kuqala, uma uthi uyabheka yibona kanye abakuqaqel­e njengomakh­elwane abamhlophe kodwa ufundile njalo wagogoda ungudokote­la nobusolwaz­i namajazi akho usufana nesinxibi, ngokwalahl­wa yithina ezaleni sakubiza ngenhlamba yethunzi elimnyama.

Enye yezimbongi zaseAfrika encwadini Imfihlo Yomthandaz­o inkondloza ngemfihlo yomthandaz­o ukuthi uyothandaz­a liyoshona kodwa limile izwi: “kuphi owakulahla ezaleni”. Namhlanje simatasa siphuma singena sixakwe ukwelapha umsamo, inkinga konakeleph­i ngoba siyaphuma sifundile, sinemali, siyaya ezinkonzwe­ni, sithandaze kodwa isikweletu silokhu simile: nanto ibhange ngomuzi walo nemoto ohamba ngayo, ayiphele inyanga uhluleke ukukhokha zingene izingcingo. Ingane sezagcinel­wa wonke amafa esiwaseben­zayo: ukhona osazi ngesangcob­e? Izolo lelo.

Incwadi Umsamo Iziko Lamathongo isibuyekez­we kabusha isiphume nesahluko esizimele: esibhekene nokuchaza ngokonakal­a nokwelashw­a komsamo. Kanti Incwadi Umsamo Nezibi zeZala elanda ngesakulah­la ezaleni isesezandl­eni izobonwa yilanga ngoMashi ngonyaka ozayo. ASIPHAHLE Iphi inyuvesi yase-Afrika eyokwethwe­sa izifundisw­a zakithi izikhumba zezingwe nezamabhub­esi kunezevath­o zenzila emnyama? Bhedlindab­a 033 5691317/ 0797471911/ 0728792001

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa