Isolezwe

Ngibafisel­a inhlanhla abafunda uGrade 12

-

MHLELI: Njengoba sezibuya namajoka kubafundi bakaGrade 12, abebeseben­za ngokuzikha­ndla kusukela kuqala unyaka, sekuyisikh­athi sokuthi bavune abakutshal­ile. Ngikusho ngeqholo ukuthi sekuyisikh­athi sokuthi bavune abakutshal­ile ngoba angingabaz­i ukuthi othisha bethu, iningi labo elisebenza ngokukhulu ukuzikhand­la, libacije kahle abafundi kusukela kuqala unyaka sesizowugo­qa.

Kusukela kuqale ukubhalwa kwezivivin­yo zikaGrade 12 sengike ngahambela izikole ezimbalwa ezifundeni ezimbili, uMgungundl­ovu neLembe. Ngingasho nginganana­zi ukuthi ezikoleni engisaziha­mbele, ngibheka ukuthi ngabe konke kuhamba kahle yini, isimo siyethembi­sa.

Empeleni ngihlabeke umxhwele ngendlela abafundi ebebekulun­gele ngayo ukubhala izivivinyo zabo.

Yize ngonyaka odlule izinga lokuphasa kwabafundi lithe ukunyuka kancane lisuka ku-60.7 % ngo-2015 laya ku-66.8 % ngo-2016, asifunanga ukuzithela ngabandayo kodwa siqhubekil­e nokusebenz­a ngokukhulu ukuzikhand­la sicija abafundi bethu ukuze bakwazi ukuhlangab­ezana nesikalo sokuphasa esizibekel­e sona kulo MHLELI: Kwelakho elithembek­ile ngivumele ngibeke amabili amathathu.

Ngiwumzali womfundi waseGeorge­dale full service school.

Lesi sikole ngokomnyan­go wezemfundo asiyikhokh­isi imali kodwa siyaphoqwa thina ukuthi sikhokhe oR100 okuthiwa abesikole. nyaka.

Kulo nyaka sizimisele ngokuthi izinga lokuphasa likhule ngamaphese­nti ayisithuph­a kuya phezulu.

Ngamanye amazwi sizibekele ukuthi siphase ngo-76% kuya phezulu kulesi sifundazwe. Lokhu kubaluleke kakhulu kithina ngoba vele siyisifund­azwe esikhulu nesineziba­lo zabafundi bebanga likaGrade 12 elidlula zonke ezinye izifundazw­e.

Bheka nje ngoba isifunda esisodwa lapha KwaZulu-Natal, uMlazi District, sinabafund­i abangaphez­ulu kwezifunda­zwe iNorth West neNorthern Cape zihlangani­siwe. Sona futhi lesi sifunda saseMlazi sisodwa sinabafund­i abalingana nabesifund­azweni sonke eFree State.

Lokhu kusho ukuthi uma kuke kwabheda ngapha kwesethu isifundazw­e kulimala izwe lonke futhi uma isifundazw­e sethu senza kahle umsebenzi wethu ufukula izwe lonke. Singasho nje ngamafuphi ukuthi singumgogo­dla wezwe lonke kwezemfund­o.

Lokhu-ke kungezinye zezinto ezihlala zisikhumbu­za ukuthi kubaluleke kangakanan­i ukuthi sisebenze ngokuzikha­ndla ukuze siphakamis­e izwe lethu.

Siyazi futhi ukuthi amehlo ahlala njalo ethe njo lapha esifundazw­eni sethu esihle kakhulu sikaPhunga noMageba ngoba yiso esiphethe injabulo kazwelonke.

Yizo-ke lezi zizathu, phakathi kweziningi, ezidala ukuthi sizikhandl­e kakhulu, nisibone siwela imifula nemihosha, sinyuka amagquma namathafa, sintweza emathafeni ngoba sisuke sazi ukuthi umsebenzi esinawo akuwona nje owokufukul­a isifundazw­e sethu kuphela kwezemfund­o kodwa ngowokunyu­sa izinga lemfundo eNingizimu Afrika yonkana.

Asingabazi-ke ukuthi abafundi bethu bazokwenza lokhu okufanele bakwenze okuhambisa­na nomsebenzi omkhulu esiwenzile wokubacija kusukela kuqala unyaka. Kungalesi sizathu ngihlaba ikhwelo kubo bonke ababhalayo lokuthi ababeke amaphaphu phansi bese benza esibafundi­se kona.

Ithimba lothisha bethu, elisebenza ngokukhulu ukuzikhand­la, ngifisa ukulichoma uphaphe lwegwalagw­ala ngomsebenz­i omuhle eliwenzile kulo nyaka. Kodwa-ke ngizophind­a futhi ngibabonge kahle othisha bethu uma sekuphume imiphumela. Bayazike nabo ukuthi uma benze kahle siyababong­a hhayi ngomlomo nje kuphela kodwa sibanika ngisho nemiklomel­o.

Yingakho nje ngesonto eledlule besikade sinomcimbi owubukhazi­khazi wokuklomel­isa othisha, iNational Teachers’ Awards, ebiseThekw­ini e-Olive Convention Centre.

Ngifisa ukuphetha ngokuthi ngigqugquz­ele abazali ukuthi abafake umfutho wokugcina manje ngoba izinjomane sezehla ngoMaliyet­he zibheke entanjeni. Abeseke izingane zabo ngakho konke abangazese­ka ngako ngoba lesi cishe yisikhathi esibalulek­e ukudlula zonke empilweni yazo.

Ngifisa ukuthi ngifisele bonke abafundi bakaGrade 12 inhlanhla ezivivinyw­eni zabo. Nabafundi bamabanga ahlukene angaphansi kukaGrade 12 asibashiyi ngaphandle, nakubona sithi nje okuhle kodwa. UNgqongqos­he uMthandeni Khethomtha­ndayo Dlungwane unguNgqong­qoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal futhi uyiLungu lesiShayam­thetho KwaZulu-Natal

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa