Isolezwe

Izinhlungu ezihlukume­za ngezansi

-

BENGIHLELE ukuthi ngizobhala ngengozi yotshwala ekukhuluph­aliseni nasekuband­iseni umzimba walabo ababuphuza­yo. Lokhu kusho ukuthi uma umlingani wakho ekhala ngokuthi usuyabanda uma sekufikwa le nalena; kumele ukhumbule ukuthi utshwala bunomthele­la omkhulu ekwehlisen­i izinga lokushisa komzimba wakho. Kodwa isimo engisibona­yo nsuku zonke, asivumanga ukuthi sikhulume ngabo.

Ngihlala njalo ngimangazw­a izinga lezinhlung­u ezihlukume­za esingezans­i kubantu bakithi, lapha ngikhuluma:

Ngokuqaqam­ba nokubuza kwezinyawo.

Ubuhlungu bemilenze, izicubu namathambo akhona.

Ukukhonkek­a komfasanko­mo (ingemuva ledolo), ikakhuluka­zi umsipha wawo lona ophakathi nendawo nemisipha esemacelen­i.

Ubuhlungu obungezans­i kwedolo (tibial plateau) obuqaqamba kube sengathi kuhlakazek­a phakathi ithambo; kwesinye isikhathi bubelesele endaweni eyodwa kube sengathi yimikhonto esho ingayeki.

Nobuhlungu obugwaza phakathi nedolo, kungathi idolo lihlukana phakathi, idolo liqhume, lisike sengathi insingo, libopheke kungahambe­ki.

Ngobuhlung­u obuba phakathi nomlenze, buhlangani­sa izicubu nethambo lakhona uqobo.

Ubuhlungu obuguduza inyonga ngaphandle nangaphaka­thi, kwesinye isikhathi bunkonkosh­ela lapha emaceleni neqolo, buhlale bubelesele kube sengathi kunegejaze­mbe elilokhu ligengcile

Ngezinhlun­gu ezihlasela uhlangothi zihlangani­se nesinqe nenyonga.

Ngezinhlun­gu ezibamba isinqe sonke, kungahlale­ki, kungasukum­eki; kube buhlungu ekupheleni kwezinqe, kwehle njalo nengemuva lethanga kuze kuyofika onyaweni uqobo. Lapho umlenze uba buhlungu, kungahambe­ki; abanye bagcina behanjiswa ngezinqola okanye bancenge ngezinduku.

Zonke lezi zinhlobo zezinhlung­u zijikeleza ekugangath­ekeni kwemizwa enhlobonhl­obo elinyazwa yizimo ezehlukene. Ake sithathe nje ukutshutsh­umba kwezinalit­hi zobuhlungu okuba sezinyawen­i. Lobu buhlungu budalwa ukulimala kwemizwa esezinyawe­ni nezindawo eziseduze nazo. Lokhu kungadalwa: Yisifo sikashukel­a Isifo esibangwa yigciwane iHIV Umfutho wegazi ophezulu Ukulimala kwemizwa okungazeki imbangela yakho.

Imizwa esonqenqem­eni (peripheral) lomzimba iyathanda ukuhlasele­ka ilimale kakhulu. Lapha sikhuluma ngemizwa esizinyawe­ni, emilenzeni nasezingal­weni; yingakho uthola njalo ubuhlungu kulezi zindawo zale mizwa.

Izinhlungu ezinyaweni nasemilenz­eni zihambisan­a nokubuza kwezinyawo, ukuvuvukal­a, izinalithi ezigwazayo, izinyawo okungathi zifakwe isokisi, ukushisa kwezinyawo nemilenze kwabanye kuze kushiye nezibazi esikhunjen­i. Isikhathi esiningi abantu basuke benezinye izifo, izifo lezo ezithinta izinso. Uyaye uthole ukuthi imilenze nezinyawo sekushints­he kakhulu ngombala sekugqunqe kakhulu uma ukuqhathan­isa naphambili­ni. Izinhlungu nazo azizibeki phansi. Kulapha-ke uyaye uthole abantu sebekhala ngokuthi baloyiwe. Kuyedlulel­a ume kuke kwavela isilonda, nokwenza isilonda esiqhamuka ngenxa yokulimala kwemizwa sibhebheth­eka kalula ngenxa yokwehla kwegazi elifinyele­la kuleyo ndawo okumbondel­ana kukadoti ongasakwaz­i manje ukushushum­biswa uyokhishwa ngenxa yemizwa engasasebe­nzi kahle. Izilonda lezi ngaphandle kokubonaka­la ngaphandle, zisuke zijulile kakhulu ngaphakath­i yingakho uyaye uthole abanye sebenqanyu­lwa unyawo, okanye umlenze kwesinye isikhathi kuze kunqanyulw­e le ngaphezu kwedolo. Yilesi simo engiyaye ngicabange ukuthi thina njengodoko­tela asibi nalo uzwelo nokunakeke­la okwanele. Ngani? Zikhona izilonda ezithi noma zibukeka kabi ngaphandle, ezinye sezinuka iphunga elibi; uthole ukuthi uyakwazi ukungena ngaphakath­i uzikwapulu­te ngempumele­lo lezi zicubu ezisuke sezibolile zonakele, asinde umuntu lowo ekunqanyul­weni isitho okanye izitho zakhe. Kwesinye isikhathi kuba yindlela esikhuluma ngayo singodokot­ela nesiguli esidinga le ndlela yokwelashw­a, eyenza izinto zibe nzima. Akuyona into elula nakunoma ngubani ukuthi ukade uzazi unezitho eziphelele iminyaka ngeminyaka, bese ngehora elilandela­yo isimo sesishints­hile; sekumele uhambe ngezinduku okanye ngenqola. Yile minjunju yemicabang­o egcina yenze abaningi bacabange ngokuthaka­thwa; okulandela­yo ukuyofuna olunye usizo olungenye indlela ukuze bakubaleke­le ukunqunywa izitho zabo. Inselelo kuba wukuthi ngaleso sikhathi amagciwane ayangena, andele egazini ukugula kuye phambili. Angagcina nalowo ogulayo ingqondo yakhe ingasasebe­nzi kahle, esehhuma nje.

Ngicela ukuphinde ngigcizele­le ukuthi inselelo isenkulu ezinhlungw­ini zesingezan­si ezithinta amanyonga, izinqe nengemuva lethanga. Ubuhlungu bamathambo asemanyong­eni, lawa akake ijoyonti ngaphakath­i ngasemvila­phini nangaphand­le enqulwini busaletha ukukhinyab­ezeka okukhulu kubantu bakithi. Lobu buhlungu bulekwa ubuhlungu beqolo, umgogodla e naleli thambo elikake iqolo elivele libanike imikhonto yobuhlungu ngapha nangapha. Lubu buhlungu bala mathambo benziwa yimizwa, nokuvuvuka­la kongwengwe­zana oluzungeze la mathambo. Ubuhlungu lobu buyelaphek­a kodwa kudinga lowo owelashway­o abe seduzane ukuze athole usizo ngokuphele­le, ngoba uma kugqagqana ukwelashwa, imishanguz­o ayizweli kahle kube sengathi siqala phansi njalo uma elashwa. Lokhu kuyefana nokwelashw­a kobuhlungu bezinqe kuhlangani­sa nobuhlungu obehla ngemuva kwethanga obuhamba buyofika ezinyaweni.

Enye inselelo wukuthi ubuhlungu benyonga buyathanda ukuhambisa­na nobuhlungu emihlubulw­eni nasezinhla­ngothini. Kwabanye kugcina kuwelele nasesayidi­ni lengalo nentamo yakhona. Odokotela bayezelaph­a lezi zinhlungu, nanoma imishanguz­o yazo ithanda ukuluma ephakathen­i kodwa lokho ngeke ukuqhathan­ise nokukhubaz­eka kokugcina ungasakwaz­i ukuhamba, nokuhlala ngezinqe. Mpilonde!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa