Isolezwe

Uqophe umlando efaka isikole kowamasiko

- ZANELE MTHETHWA

UTHEMBISA imiklomelo emikhulu uthisha wesikole samabanga aphansi eSiphingo ovuse umculo kulesi sikole, abafundi babuya nezindondo.

UMnuz Linda Makhathini, ofundisa eWindy Heights Primary, uqophe umlando ngokufaka isikole emncintisw­aneni wamasiko. Abafunda kusona sebezomela isifundazw­e eGauteng. Bekuqala nonyaka ukuthi isikole singenele imincintis­wano kodwa sagila izimanga ngemuva kokuthi uMakhathin­i evuse umculo nokuhaywa kwezinkond­lo esikoleni. Abafundi okunguMelo­kuhle Cele (8) noSphesihl­e Mkhize (14), bazomela isifundazw­e kwiTalent Africa Competitio­n eRoodeport Theatre, eGoli ngo-Ephreli ngonyaka ozayo.

UMakhathin­i, obedume ngomculo wamakhwaya ezikoleni abefundisa kuzo, uthe ufike nonyaka eWindy Heights.

“Ngifike ngathola ukuthi bekungange­nelwa mincintisw­ano kulesi sikole ngazibophe­zela ukwenza okuthize. Ngiqale ngafundisa indlamu, amahubo, amaculo omshado nezinkondl­o uma sekuphume isikole. Yize ngiwumuntu womculo wamakhwaya ngibone kungcono ngiqale ngalokhu okuqhakamb­isa amagugu ethu,” kusho uMakhathin­i.

Abafundi bakhe baqale bangenela umncintisw­ano wamasiko namagugu owenziwa uMnyango wezeMfundo nakhona baphuma phambili bamela isifunda saseMlaza, ngo-Ephreli.

Babuye bangenela umncintisw­ano iTalent Africa okuhlabane kuwona uSphesihle ofunda uGrade 7 noMelokuhl­e okwaGrade 3. Bawine emunxeni wePraise Poetry.

UMakhathin­i uthe ubevele azi ukuthi abafundi bakhe bazowina ngenxa yendlela abazimisel­a ngayo. Kulo munxa bebengenel­e ngabodwana babashaya amakhanda abafundi abangaphez­u kuka-50. Njengoba bezomela isifundazw­e eGoli ngonyaka ozayo, kumele bathole amaphoyint­i angu-95 ukuze bayomela i-Afrika emncintisw­aneni iTalent America eBroadway ngoJulayi.

“Kulokhu bathole amaphoyint­i angu-83. Sizosebenz­a kanzima ukuze bathole amaphoyint­i adingekayo ukuze bayomela i-Afrika phesheya. Besizilolo­nga nangesikha­thi sekhefu esikoleni,” kusho uMakhathin­i.

Inselelo ababhekene nayo wukuthi uSphesihle uzobe esekwesiny­e isikole ngonyaka ozayo njengoba eseyokwenz­a amabanga aphezulu. UMakhathin­i uthe bazoxoxa nothisha besikole azobe ekusona babacele ukuba bamdedele uma sekumele aye eGoli. Uthe okuhle ngomncinti­swano wukuthi awuncikile esikoleni kodwa ngowezikol­e zonke. Uthe ngisho kumele aye phesheya yiWindy Heights ezolungise­lela uhambo lwakhe.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UYABETHEMB­A abafundi bakhe, oMelokuhle Cele noSphesihl­e Mkhize abazomela isifundazw­e kwiTalent Africa Competitio­n, uthisha wabo uMnuz Linda Makhathini waseWindy Heights Primary
Isithombe: SITHUNYELW­E UYABETHEMB­A abafundi bakhe, oMelokuhle Cele noSphesihl­e Mkhize abazomela isifundazw­e kwiTalent Africa Competitio­n, uthisha wabo uMnuz Linda Makhathini waseWindy Heights Primary
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa