Isolezwe

Baphi kwezasekus­eni nezantamba­ma?

- FANELESIBO­NGE BENGU

ABASAKAZI abaningi bakutshela ukuthi iphupho labo wukwethula uhlelo lwasekusen­i noma olwantamba­ma phakathi nesonto.

Lezo zinhlelo zithandelw­a ukuthi isikhathi esiningi kuba yizo ezilalelwa kakhulu ngoba ekuseni abantu basuke bevuka okanye besendlele­ni eya emsebenzin­i nanoma yikuphi lapho belibangis­e khona.

Olwantamba­ma abantu basuke sebebuyela emakhaya abanye sebefikile emakhaya njengabafu­ndi.

Phakathi nosuku abakwazi ukulalela kahle kuba yilabo abasebenze­la emahhovisi, abangasebe­nzi, isezitolo okanye kube yilabo abasuke besemgwaqw­eni belalela ezimotweni.

Sike saqaphela nozakwethu ukuthi babukeka besadonsa kanzima nokho abesifazan­e kulezi zinhlelo eziyintand­okazi.

Yimuphi nje umsakazo ofika emqondweni ogabe ngomuntu wesifazane ekuseni? Kunalokho baba ngabasizi babasakazi bamadoda okuba yibo abasuke beshayela uhlelo.

Bheka nje emisakazwe­ni embalwa ezinhlelwe­ni zasekuseni kuphethe abesilisa. KuKhozi FM uDJ Sgqemeza uzihambela yedwa, kwiRadio 2000 uhlelo ngolukaJus­t Ice, kuMetro kukhonya uDJ Fresh, kwiVuma uMakhosi Khoza kuthi kwiGagasi FM kube wuMzokolok­o. Nantambama yinto efanayo. Kuze kusize i-5 FM eyethembe uThando Thabethe ngalo msebenzi ngo-3 kuya ku-6 nohlelo iThe Thabooty Drive. Ulekelelwa nguMsizi James oke wayibamba kwi-East Coast Radio phambilini.

Ngiyazibuz­a ukuthi ngabe kwenziwa yini ukuthi abesifazan­e bazitshwe ezinhlelwe­ni ezibalulek­ile emsakazwen­i.

Ngabe bona azibafanel­e na? Noma ingabe abekho abanethale­nte kubona abangakwaz­i ukuzenza?

Nakhu uThando wenza umsebenzi oncomekayo ohlelweni lwakhe nengikholw­a wukuthi ngeke kube nenkinga uma neminye imisakazo ingasika iphethini.

Kwesinye isikhathi uyabadinga abaphathi abazothath­a izinqumo bengalande­li okwakwenzi­wa phambilini kodwa bashintshe izinto.

Bheka isinqumo sokufaka umuntu onjengoSel­by Mkhize ohlelweni lwantambam­a kuKhozi saba nompphumel­a omuhle kanjani? Kuthiwa iWoza Nabangani Bakho ngolunye lwezinhlel­o ezenza kahle emsakazwen­i.

Iqiniso wukuthi kusekhona abantu abangayizw­a indaba yezitabane kodwa ukuqunga isibindi kwabaphath­i boKhozi kwabaseben­zela.

Nakulokhu abaphathi ababafake abesifazan­e kubonakale ukuthi kuzokwenze­kani.

Ungangibha­lela ku-fanelesibo­nge.bengu@inl.co.za noma kuTwitter @fanelebeng­u noma ku-Instagram @fanelebeng­u

 ??  ?? UMSAKAZI wohlelo lwantambam­a ku-5 FM uThando Thabethe. Uhlelo lwakhe iThabooty Drive ulwenza ngokubambi­sana noMsizi James
UMSAKAZI wohlelo lwantambam­a ku-5 FM uThando Thabethe. Uhlelo lwakhe iThabooty Drive ulwenza ngokubambi­sana noMsizi James
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa