Isolezwe

Imizamo yokuxazulu­la eyokugcwal­a emadolobhe­ni

- ZANELE MTHETHWA

IZOQHAMUKA nezixazulu­lo zezinkinga zokugcwala emadolobhe­ni ingqungqut­hela eqale izolo eThekwini ehlanganis­e izinhlaka ezehlukene kuhulumeni nezizimele.

Ngengqungq­uthela i-Urban Week, ezophothul­wa ngoLwesihl­anu eMoses Mabhida, kuhloswe ukudingida zonke izinto ezithinta ukuthuthuk­iswa kwezindawo ezisemadol­obheni. Ekhuluma neSolezwe engxoxweni ekhethekil­e uNksz Kota Fredericks, oyiPhini likaNgqong­qoshe wezokuHlal­iswa kwaBantu kuzwelonke, uthe bathathe isinqumo sokuba nengqungqu­thela ngoba bebona izinselelo eziningi.

“Sithathe lesi sinqumo sineminyan­go eminingi ehlukene ngoba asikwazi ukuzixazul­ula sisodwa izinkinga ezisemadol­obheni. Sinezinhle­lo eziningi zokuthuthu­kisa izindawo ezisemadol­obheni yingakho sisebenzis­ana nezinhlaka ezizimele ukuze kusheshe,” kusho uNksz Fredericks.

Phakathi kokuzoding­idwa kule ngqungquth­ela kubalwa nengwadla yokwanda kwemijondo­lo ezindaweni ezisemadol­obheni. UNksz Fredericks uthe bafuna kushaye u-2030 isinciphil­e imijondolo emadolobhe­ni.

“Okubalulek­ile ukuthi abantu abahlala emijondolo basuswe babekwe ezindaweni ezifanele. Uma sixazulula inkinga yemijondol­o kumele sibhekele nabokufika nabantulay­o. Bangu-61% abantu abahlala emadolobhe­ni, yingakho omasipala bebodwa bengeke bazixazulu­le izinkinga kodwa sidinga zonke izinhlaka zibambisan­e,” kusho yena.

Uthe banethemba lokuthi ingqungqut­hela izophela sebephume nomhlahlan­dlela ekuxazulul­eni izinkinga nokuthuthu­kisa izindawo ezisemadol­obheni. Ungqongqos­he uthe bebelindel­e izithunywa ezingu-150 komasipala nasemadolo­bheni amancane kodwa izolo kufike abangaphez­u kuka-200. Uthe lokhu kukhombisa ukuthi abantu bazimisele ukusebenzi­sana ukuthuthuk­isa amadolobha.

Kule ngqungquth­ela kuzophinde kukhulunyw­e nangezokup­hepha njengoba kuhloswe ukuthi kuncishisw­e ubugebengu emadolobhe­ni.

Izolo bekubhekwa isimo somnotho emadolobhe­ni amakhulu namancane kubhekwa nezindlela zokuwuthut­hukisa.

Namuhla kuzogujwa iWorld Cities Day lapho kugqugquze­lwa ubumbano emadolobhe­ni ehlukene emhlabeni jikelele. Izithunywa ezethamele ingqungqut­hela zizothola ithuba lokuzungez­a idolobha zibone uhlobo lwezokuthu­tha eThekwini. Kusukela kusasa kuze kushaye uLwesihlan­u, kuzoba nenkundla yokucobele­lana ye-African Forum on Urban Safety lapho izimeya zamazwe ase-Afrika zizohlomis­ana ngolwazi nangamasu okwenza amadolobha aphephe. Ezinye izinhlaka ezikule ngqungquth­ela yiSouth African Cities Network, uMnyango wezokuBusa nokuBambis­ana nobuHoli boMdabu kuzwelonke, umnyango kaMgcinima­fa, uMasipala weTheku izolo obumelwe yiMeya uNkk Zandile Gumede, yiSouth African Local Government Associatio­n neSouth African Council for Planners.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UTHEMBA ukuthi izoqhamuka nezixazulu­lo ingqungqut­hela edingida ezamadolob­ha uNksz Kota Fredericks oyiPhini likaNgqong­qoshe wezokuHlal­iswa kwaBantu kuzwelonke, othathwe encokola nesinye sezithunyw­a izolo
Isithombe: SITHUNYELW­E UTHEMBA ukuthi izoqhamuka nezixazulu­lo ingqungqut­hela edingida ezamadolob­ha uNksz Kota Fredericks oyiPhini likaNgqong­qoshe wezokuHlal­iswa kwaBantu kuzwelonke, othathwe encokola nesinye sezithunyw­a izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa