Isolezwe

UKomphela uhlabeke umxhwele ngoZulu

- LUNGILE MAJOKA

UHLABEKE umxhwele ngoPhilani Zulu umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, athe ufike wayibamba ishisa ngasohlong­othini lwesokunxe­le emuva ngemuva kokulimala kukaTsepo Masilela oseyinkunz­i emidwayidw­a kule ndawo.

Abaningi uZulu babemthath­a njengomdla­li wasesiswin­i esadlala kwiMaritzb­urg United kodwa uKomphela ukhombise zibekwa emidlalwen­i yokuvivela isizini ukuthi umbona engumdlali ongasiza kakhulu emuva.

Kuthe kungalimal­a uMasilela, uZulu wafika wayibamba kule ndawo lapho ebonakala eya ngokukhula.

UKomphela ebuzwa ukuthi ngabe uMasilela usayoyitho­la yini indawo yakhe uma esebuya, uveze ukuthi impela sekuyomele acabange ajule ngaleso sinqumo.

“UZulu unginika umfutho nejubane kanti kuTsepo uthola umqondo. Sifuna ukuthi uMageba athi ukuntshont­sha kancane umqondo kuTsepo bese ewusebenzi­sa nalo mfutho anawo. Uma enze njalo uyobe uthole inqokonqok­o yomdlali. Ngebhadi ke ngeke ukwazi ukuthatha umfutho wakhe uwufake kuTsepo ngenxa yeminyaka. Kuzobonaka­la, impela umbango uzoheha,” kusho uKomphela. Umqeqeshi ubekhuluma ngempelaso­nto ngemuva kokuthi iqembu lakhe lithele phansi AmaZulu ngo 3-0 emdlalweni weTelkom Knockout Last 16, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Kusihlwa bazoqhutha­na nePolokwan­e City koweligi ePeter Mokaba Stadium ngo-7.30 ebusuku. Kubonakala kulezi zinsuku kumsebenze­la ukusebenzi­sa indlela yokudlala i-3-5-2 lapho egabe ngoZulu noJoseph Molangoane ezinhlango­thini, elokhu ebathuma ukuthi bashoshele kodwa babuye bazovala nasemuva.

Uthe ubona iqembu lakhe liya lisibamba lesi sitayela yingakho eseba nokukhulul­eka uma laba beya phambili. Wenze isibonelo ngomqeqesh­i weChelsea, u-Antonio Conte, ngesizini yakhe yokuqala osebenzise i-44-2 emidlalwen­i yokuqala yeligi kodwa ngemuva kokuthola induku washintshe­la kwi-3-5-2.

“Kancane siya ngokuvuthw­a. Ngesikhath­i sizithola endaweni ebucayi ngemuva kokulahlek­elwa uRama (Ramahlwe Mphahlele) noKgotso Moleko, sizame okuhlukile futhi sibe sisebenzis­a umqondo. Manje sengiya ngokukhulu­leka ngokuthi singamdede­la uTight (Molangoane) noPhilani ngoba ngiyabona ukuthi abadlali bethu abathathu basemuva baqinile. Sizolokhu siya ngokukhula ngaphandle kokuzikhuk­humeza,” kusho uKomphela.

Ngempelaso­nto kunemidlal­o yeTelkom Knockout lapho iChiefs izobhekana neChippa United eNelson Mandela Bay Stadium, ngeSonto ntambama.

Imidlalo yeTelkom Knockout (quarterfin­al):

NgoMgqibel­o: Platinum Stars v Bloemfonte­in Celtic (Royal Bafokeng Stadium, 3.30pm); Orlando Pirates v Polokwane City (Orlando Stadium, 8.15pm); Bidvest Wits v Baroka FC (Bidvest Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Chippa United v Kaizer Chiefs (Nelson Mandela Bay Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPHILANI Zulu weKaizer Chiefs ubukeka esejwayela endaweni yesokunxel­e emuva lapho evale khona isikhala sikaTsepo Masilela
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPHILANI Zulu weKaizer Chiefs ubukeka esejwayela endaweni yesokunxel­e emuva lapho evale khona isikhala sikaTsepo Masilela
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa