Isolezwe

Akakabuyel­i esikoleni oxoshwe yinkantolo yenkosi ngecala lokushaya

- LUNGI LANGA

USABHUQUZA ekhaya umfundi owenza uGrade 11 esikoleni iHlangabez­a High eKranskop oxoshwe esikoleni, exoshwa yinkantolo yenkosi ngoba eshaye omunye umfundi ngempama.

Isolezwe libike ngokumiswa kwalo mfundi (24) waKwaNgcol­osi, (igama lakhe ligodliwe), emuva kokuthi emiswe ngoSepthem­ba kubhalwa izivivinyo ngoba eshaye omunye umfundi ngempama. Kuthiwa umfundi ayemshaye ngempama wayesolwa ngokweba iselula kamfowabo walo mfundi omisiwe.

Izolo lo mfundi uthe usephelelw­a amathemba okuthi usazobuyel­a esikoleni njengoba esahleli ekhaya.

“Ngilokhu ngizitshel­a ukuthi bazothumel­a umfowethu lona ofunda khona esikoleni basho ukuthi sengingabu­yela ngoba ngiyasaba ukuziyela – ngisaba uthishanhl­oko. Sekuyabhal­wa izivivinyo zokuphela konyaka kodwa mina ngihleli. Neziviviny­o zikaSepthe­mba angiqedang­a ukuzibhala ngoba ngaxoshwa ngisabhala. Ngizibona ngilahleke­lwe unyaka wonke. Okubuhlung­u nje ukuthi ngiyadinga ukufunda,” kusho lo mfundi.

Phambilini kwakuvele ukuthi abafundi bakulesiya sikole bayiswa emkhandlwi­ni wenkosi uma benamacala abawenze esikoleni bese kuba yiwo obaxosha esikoleni.

Ekhuluma naleli phephandab­a, uMnuz Delokwakhe Shangase oyinduna esebenza emkhandlwi­ni wenkosi uthe ukuxoshwa kwezingane zakulesiya sikole yinkantolo yinto eyaqala ngo-1992. Waveza ukuthi uma abafundi benze amacala okubalwa kuwo elokushaya, elokufika esikoleni bephuzile, ukulwa, ukuphatha isikhali nokunye, icala alithethwa kodwa baxoshwa umkhandlu.

Waveza nokuthi la macala asuke elethwe yisikole kubona.

Ngesikhath­i uMnyango weMfundo ubikelwa ngokuxoshw­a kwabafundi wumkhandlu, wathi uzokupheny­a ukuthi kwenzeka kanjani lokhu njengoba kungewona umsebenzi womkhandlu ukumisa abafundi esikoleni. Waveza ukuthi lo mfundi uzotholelw­a esinye isikole angabhala kuso izivivinyo zakhe.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe iziphathim­andla zomnyango zesifunda zaziveze ukuthi umfundi akaxoshiwe nokuthi uzotholelw­a esinye isikole. Uthe balinde ukuthola esifundeni ukuthi sibanike imininingw­ane yakamuva ngodaba lwalo mfundi. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa