Akakabuyeli esikoleni oxoshwe yinkantolo yenkosi ngecala lokushaya
USABHUQUZA ekhaya umfundi owenza uGrade 11 esikoleni iHlangabeza High eKranskop oxoshwe esikoleni, exoshwa yinkantolo yenkosi ngoba eshaye omunye umfundi ngempama.
Isolezwe libike ngokumiswa kwalo mfundi (24) waKwaNgcolosi, (igama lakhe ligodliwe), emuva kokuthi emiswe ngoSepthemba kubhalwa izivivinyo ngoba eshaye omunye umfundi ngempama. Kuthiwa umfundi ayemshaye ngempama wayesolwa ngokweba iselula kamfowabo walo mfundi omisiwe.
Izolo lo mfundi uthe usephelelwa amathemba okuthi usazobuyela esikoleni njengoba esahleli ekhaya.
“Ngilokhu ngizitshela ukuthi bazothumela umfowethu lona ofunda khona esikoleni basho ukuthi sengingabuyela ngoba ngiyasaba ukuziyela – ngisaba uthishanhloko. Sekuyabhalwa izivivinyo zokuphela konyaka kodwa mina ngihleli. Nezivivinyo zikaSepthemba angiqedanga ukuzibhala ngoba ngaxoshwa ngisabhala. Ngizibona ngilahlekelwe unyaka wonke. Okubuhlungu nje ukuthi ngiyadinga ukufunda,” kusho lo mfundi.
Phambilini kwakuvele ukuthi abafundi bakulesiya sikole bayiswa emkhandlwini wenkosi uma benamacala abawenze esikoleni bese kuba yiwo obaxosha esikoleni.
Ekhuluma naleli phephandaba, uMnuz Delokwakhe Shangase oyinduna esebenza emkhandlwini wenkosi uthe ukuxoshwa kwezingane zakulesiya sikole yinkantolo yinto eyaqala ngo-1992. Waveza ukuthi uma abafundi benze amacala okubalwa kuwo elokushaya, elokufika esikoleni bephuzile, ukulwa, ukuphatha isikhali nokunye, icala alithethwa kodwa baxoshwa umkhandlu.
Waveza nokuthi la macala asuke elethwe yisikole kubona.
Ngesikhathi uMnyango weMfundo ubikelwa ngokuxoshwa kwabafundi wumkhandlu, wathi uzokuphenya ukuthi kwenzeka kanjani lokhu njengoba kungewona umsebenzi womkhandlu ukumisa abafundi esikoleni. Waveza ukuthi lo mfundi uzotholelwa esinye isikole angabhala kuso izivivinyo zakhe.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe iziphathimandla zomnyango zesifunda zaziveze ukuthi umfundi akaxoshiwe nokuthi uzotholelwa esinye isikole. Uthe balinde ukuthola esifundeni ukuthi sibanike imininingwane yakamuva ngodaba lwalo mfundi. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.