Isolezwe

I-IFP ayisamukel­e isinqumo esithathwe uShenge

-

LO nyaka uyobalwa neminye eyaba nezigameko ezinkulu ezenzeke kwezepolit­iki eNingizimu Afrika. Kumanje iqembu elibusayo livivela ukukhetha ubuholi obusha engqungqut­heleni ezoba ngoDisemba.

Ibhekwe ngabomvu le ngqungquth­ela, hhayi ngamalungu e-ANC kuphela kepha yizwe lonkana.

Esinye isigameko esibhekwe ngabomvu ekupheleni konyaka wukungena komholi omusha esikhundle­ni ebesipheth­we yinkosi Mangosuthu Buthelezi osanda kumemezela ukuthi usethi khumu ekubeni ngumengame­li weqembu alisungula Inkatha Freedom Party.

UButhelezi ubesehole leli qembu iminyaka engu-42, kusuka alisungula ngoMashi 21, 1975.

Njengoba esehole iminyaka emingaka, i-IFP ibisinguye­na ngoba uyazi ukusuka nokuhlala.

Kwaziwa nguye okulilunge­le nokungalil­ungele iqembungo kwemigomo nenhloso yalo.

Kwenye inkathi kuyaye kube nzima ukwamukela uguquko, ikakhuluka­zi uma lungakaze lwenzeke.

Kepha sinxusa amalungu e-IFP ukuba asamukele isinqumo sikaButhel­ezi njengoba kulindelek­e ukuthi kukhethwe umengameli omusha engqungqut­heleni yaleli qembu okuzokheth­wa kuyo ubuholi ekupheleni konyaka.

Kasilindel­e ukuthi ngokuphuma kwakhe ekuholeni iqembu bese kuqala izinxushun­xushu zokubangwa kwesikhund­la.

Uma sibangwa lesi sikhundla, lokho makwenzeke ngendlela ephucuzeki­le futhi ehloniphek­ile.

Isihlava esihlasele KwaZulu-Natal sokubangwa kwezikhund­la zezepoliti­ki kuze kuphume imiphefumu­lo, sengathi singangayi­hlasela i-IFP.

Sengathi iqembu lingakwazi ukuqoka ubuholi ngokuthula, uma kunokungab­oni ngaso linye kuboniswan­e ngokuthula hhayi ngobudlova nobundlavi­ni.

Silindele ukuthi iqembu liqhakambi­se ukuthuthuk­isa impilo yabantu baseNingiz­imu Afrika, libhekane nezinselel­o ezinjengob­ubha, ukwentulek­a kwemiseben­zi nokulwa nobugebeng­u.

Silifisela ukuthula nenqubekel­a phambili iqembu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa