Isolezwe

Kuwubuhlat­hi okwenziwa yiSafa

-

MHLELI: Buvele obala ubuhlathi nenkungu egcwele enhlanganw­eni ephethe ibhola eNingizimu Afrika iSafa.

Lokhu ngikushiso yindlela okuvotelwa ngayo igoli lonyaka engibona ukuthi ayishayi emhloleni. Phela lo qethu wale ndoda yakwaMasul­uke, u-Oscarine, alikho igoli okwakumele liqhudelan­e nawo. Angiqondil­e ukuthi elikaSiphi­we Tshabalala lalingekho ezingeni kodwa elikaMasul­uke laba lihle ngendlela exakile.

Leli goli elingathol­anga lutho la kwelakithi laze labonwa nangamazwe omhlaba kodwa eladla umhlangani­so kule Safa yethu alibonwang­a nangokhalo. Ngokubona kwami kumele igoli lonyaka livotelwe yizingwazi ezadlala ibhola kuphela noma kube nesigungu esibekelwe lowo msebenzi kuphela ngoba abalandeli bavota ngothando lweqembu hhayi ngobuhle begoli.

Uma iSafa izoqhubeka nokuthi akuvotwe kanje ngeke nangephuth­a igoli elihle liqhamuke kula maqembu anabalande­li abancane. Ukuba iSafa ayibuthaka ngabe uMasuluke waphelezel­wa yizikhulu zayo ngesikhath­i eya phesheya emiklomelw­eni yeFIFA kodwa ngoba uphuma eqenjini elincane akwenzekan­ga lokho wahamba nabangadum­ile kangako ebholeni. Nakuba lingawinan­ga igoli lakhe kodwa ibhola laseNingiz­imu Afrika uliphakami­sile. Namazwe abengasina­kile azoqala manje asibheke ngelinye iso hleze ngelinye ilanga singabona unozinti omnyama eyodlala phesheya ngenxa yakhe belu uMasuluke.

Ukube kuya ngami, iSafa bekumele yenzele uMasuluke isiphihli sedili imbonge ngokugqami­sa iNingizimu Afrika. Nohulumeni imbala bekufanele uyibonge le nsizwa kodwa phela mhlawumbe basahlela. Mbongiseni Dlamini ENEWLANDS WEST

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa