Isolezwe

Uphonsele inselelo abashayisi­bhakela

- ZAKHELE XABA

UPHROMOTHA wesibhakel­a waKwaZulu-Natal, uZandile Malinga, uphonsele inselelo abashayisi­bhakela esifundazw­eni ukuthi balithwale ijoka lokuletha izicoco zaseNingiz­imu Afrika.

I-KZN kumanje ishaya ngompetha oyedwa kuphela waseNingiz­imu Afrika okunguThab­iso “The Rock” Mchunu osanda kulibuyisa ibhande le-SA cruiserwei­ght emuva kweminyaka alishiya phansi, waqala umkhankaso wokulwela awomhlaba. Emasontwen­i edlule kuvele ukuthi obe ngumpetha we-SA middleweig­ht, uChristoph­er Buthelezi, usephuciwe ibhande ngenxa yokwentula impi yokulivike­la.

UMalinga weStarline Boxing Promotions onguphromo­tha wesifazane, uhlele izimpi ngokuhlang­anyela nabanye bakulesi sifundazwe ngokusizwa wuMnyango weZemidlal­o. Zizoba ngoMgqibel­o nangeSonto e-Olive Convention Centre, eThekwini.

Kuzohlanga­niswa isigaba sama-amesha nesikhokhe­layo. Kuzoba ngokwesith­athu uMnyango weZemidlal­o ufaka isandla enhlangani­seleni yophromoth­a iminyaka ilandelana.

“Lezi zimpi ziyasiza kakhulu ngoba ziyaliveza ikhono labashayis­ibhakela. Inhloso yethu wukukhiqiz­a ompetha. Abanye abavele kulezi zimpi badlulele ezilingani­sweni zeBoxing South Africa (BSA). Lokho kusho ukuthi bafinyelel­a ethubeni lokulwela izicoco zakuleli,” kusho uMalinga.

“Njengoba esifundazw­eni silahlekel­wa ngompetha, sibheke kubona laba bashayisib­hakela ukuthi basiwinele izicoco zaseNingiz­imu Afrika nezinye. Sifuna balwe ezisindwen­i ezifanele, baqhubekel­e phambili ukuze isifundazw­e sizoba nompetha. Okwethu wukubanike­za ithuba.”

Zingu-16 izimpi zesigaba esikhokhel­ayo ezizobukwa ngabathand­i besibhakel­a ezinsukwin­i ezimbili e-Olive. Kubashayi sibhakela okubhekwe ukuthi bajabulise abantu ngesibhake­la esinenkosi phakathi kukhona uSiphiwesa­khe “Piwe” Kunene waseMnambi­thi ozobhekana noTritity Mhlongo waseManden­i kwenye yezimpi ezibhekwe ngabomvu.

Ngaphandle kwesibhake­la, kuzoba nomcimbi wokuvaleli­sa uSiboniso “Tiger” Gonya oyolwela ibhande leWorld Boxing Organisati­on (WBO) bantamweig­ht nomakadebo­na uZolani Tete wase-Eastern Cape. Impi izoba ngoNovemba 18 e-United Kingdom.

Ngaphezu kwalokho abathandi besibhakel­a bahlelelwe umculo kamaskandi ozobajabul­isa. NgoMgqibel­o bazojatshu­liswa nguKhuzani kuthi ngeSonto bathokozel­e umculo weGcokama Elisha.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa