Isolezwe

Akanazo izinhlelo zokushiya iChiefs

- MINENHLE MKHIZE

AKANAZO izinhlelo zokushiya iKaizer Chiefs, uJoseph “Tight” Molangoane, obuyelwe yifomu selokhu enikwe ithuba lokudlala.

UMolongaon­e uke wangabonak­ala isikhathi eside ekuqaleni kwesizini okuqubule izinsolo zokuthi kungenzeka abone afika ngayo uma sekuvulwa iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali ngoJanuwar­i. Ubuye washaya into ecokeme Amakhosi ebhuquzisa iMamelodi Sundowns ngo 2-1 eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. NgoLwesibi­li uphinde waqokwa njengomdla­li ovelele iChiefs idlala ngokulinga­na ngo 0-0 nePolokwan­e City.

“Abantu bahlale bekhuluma, uma ungumuntu yinto okumele uyamukele leyo. Ukuthi ngizoshiya iqembu Uhlale engikhutha­za, ngakho ngizimisel­e ngokuqhube­ka nokusebenz­a kanzima. Kuyangijab­ulisa ukuthi abalandeli bayayithan­da indlela engidlalay­o,” kusho uMolangoan­e. Mosimane, ocija Abafana Ba Style, waphumela obala ngokuthi uMolangoan­e ubefuna ukwephula umdlali wakhe uKhama Billiat. “Angiyazi leyo nto futhi angifuni ukugxila kuyona. Empilweni kumele ukwazi ukwamukela izinto ezimbi nezinhle. Ngakho nami nginendlel­a engibhekan­a ngayo nezinto ezimbi ezishiwo kimina noma ngami. Into emqoka kimina wukwenza kahle ngisize iqembu linqobe izicoco.”Njengamanj­e udlaliswa njengomdla­li oyibamba ngakwesoku­dla emuva kodwa obuye ashintshe abe ngowaphamb­ili uma iqembu selihlasel­a. “Mina akungikhat­hazi ukuthi ngidlala kuphi. Noma yikuphi lapho okuthiwa angidlale khona ngizozinik­ela. Njengamanj­e umqeqeshi ungidlalis­a le ndawo engiyidlal­ayo futhi anginankin­ga nayo. Okumqoka kimina wukudlala njalo futhi ngeneme ukuthi lokho kuyenzeka.”NgeSonto ngo-3.30 iChiefs izobhekana neChippa United eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi kowe-quarterfin­al yeTelkom Knockout. Amakhosi aphethe izicoco eziningi zeTelkom Knockout (ezingu-13) agcina ukunqoba lesi sicoco ngo-2010. IChiefs sekuphele amasizini amabili nohhafu ingawini lutho. Igcine ukuphakami­sa isicoco ngo-2014/2015 idla ese-Absa Premiershi­p neseMTN 8.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa