Isolezwe

UMere ubalula okuthikame­ze ezakhe

- ZAKHELE XABA

UKAPUTENI wePlatinum Stars, uVuyo Mere, ukhala ngokushint­shwa kwabaqeqes­hi nokudedelw­a kwabadlali abanamava abona ukuthi yikona okulibuyis­ele emuva leli qembu.

IDikwena isemaqenji­ni abejwayele ukushubisa umbango wesicoco se-Absa Premiershi­p nokuwina izindebe kumasizini edlule. Nokho konke kubukeka sekuwumlan­do kusukela ngesizini edlule.

IPlatinum imangaze iningi ixosha umqeqeshi uCavin Johnson nephini lakhe uWillem Jackson obeneminya­ka esebenza kuyona. Ngaphandle kwalokho azivuselel­wanga izinkontil­eka zabadlali abanamava okukhona kubona uNdumiso Mabena oseyibamba kwiBloemfo­ntein Celtic, Henrico Botes osekwiUniv­ersity of Pretoria, Tintswalo Tshabalala noSolomon Mathe.

Izintambo zokuqeqesh­a iStars ziphonselw­e uRoger de Sa nephini lakhe uMilton Dlamini. Isizini ka-2017/2018, iqalwe nguPeter Butler kodwa washeshe wakhonjwa indlela.

Kusukela kuqale isizini iDikwena ayikaze iwine nowokubika umdlalo kwiPremier­ship.

“Ukushintsh­ashintsha abaqeqeshi nokudedela abadlali abanamava kuliphazam­isile iqembu. Uyazi ukuthi ukwakha iqembu kuthatha isikhathi. Kufanele sisebenze ngesinako manje. Singabadla­li bebhola, asikwazi ukubhekana nezinto ezenzeka emahhovisi.

“Noma ngabe yimuphi umdlali ofika kwiPlatinu­m kufanele alisebenze­le ibheji leqembu. Lena yimpilo yethu, uma sigawulwa yizembe abanye bazophelel­wa yimisebenz­i,” kusho uMere.

“Kubuhlungu ukubona isimo esikuso. Ukuzithola sikulesi simo akwehli kahle kimina. Kodwa lesi yisimo esikuso, sizifake thina kusona. Kufanele sisebenze kanzima, ikakhuluka­zi abadlali abadala usisize abasha ukuze siphume kulesi simo.”

Ngaphambi kokuqala kwesizini, kuvele ukuthi iDikwena izodayiswa. Nokho izikhulu zayo ziphumele obala zathi leli qembu alikadayis­i. Abadlali abazange baphike ngoba baveza ukuthi sebetsheli­we ukuthi iqembu lizodayisw­a kodwa abangakhat­hazeki ngoba akukho okuzoshint­sha.

“Kuyisimo esinzima ngoba sonke siyazi ukuthi kuzohlale kusemakhan­da ukuthi singase silahlekel­we yimisebenz­i. Iningi lethu alazi ukuthi imithetho yokudayise­lana isebenza kanjani. Mhlawumbe thina badlali abadala singaba nalo ulwazi lokuthi kunemithet­ho ebekiwe kodwa abasebanca­ne bazohlala bebuza kithina ukuthi kwenzekani,” kusho uMere.

“Senza okusemandl­eni kodwa akulula. Kuyaliphaz­amisa iqembu kodwa asikwazi ukukwenza izaba lokho. Ensimini sidlala ngabadlali abalingana­yo namanye amaqembu. Nathi kufanele sibhukule.”

 ??  ?? SIPHIWESAK­HE KUNENE
SIPHIWESAK­HE KUNENE
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UVUYO Mere ongukapute­ni wePlatinum Stars ukhala ngokuchith­wa kwabadlali abanamava eqenjini athe kudonsela iqembu emuva
Isithombe: BACKPAGEPI­X UVUYO Mere ongukapute­ni wePlatinum Stars ukhala ngokuchith­wa kwabadlali abanamava eqenjini athe kudonsela iqembu emuva
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa