Isolezwe

Kwamnika umdlandla ukugxekwa

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMETHULI wohlelo ama- Idols SA, uTebogo “ProVerb” Thekisho usethe akumthenan­ga amandla ukugxekwa ababukeli ngesikhath­i eqala ethula lolu hlelo.

Le nsizwa yaseKimber­ly ithe yayingacab­angi ukuthi ngelinye ilanga iyoba umethuli wezinhlelo njengoba yayizibona ingumculi we-hip hop kuphela.

Uthe abangani bakhe abebemgqug­quzela ukuthi aye lapho kunenhlolo­khono yabafisa ukwethula izinhlelo yingakho alithathel­a phezulu ithuba lokuyokwen­za eyama- Idols.

“Ngemuva kokuqeda izifundo zami zobunjiniy­ela ngangizits­hela ukuthi ngizoseben­za ngomculo ukuze ngikhule. Kodwa abangani bami bangitshel­a ukuthi ake ngizame njengoba kwase kuvuleke isikhala kufuneka umethuli kuma- Idols,” kuchaza uProVerb.

Ngesikhath­i eyokwenza inhlolokho­no uthe uGavin Wratten, onguphroju­sa wohlelo asebebambi­sene naye ekukhiqize­ni uhlelo, wamncoma ngekhono alikhombis­ile.

“Ngesikhath­i sengilinde ukubizwa abangani bami bangiphoqa bathi angibuke umethuli walolu hlelo waphesheya kwezilwand­le ukuze ngimlingis­e. Nami ngenza kanjalo lokho kwangibeka la ngikhona manje,” kusho uProVerb.

Uthe kuningi akufunde kulolu hlelo njengoba esenza izinto eziningi kulona.

“Ngingomuny­e wabantu abathatha izinqumo ezibalulek­ile ohlelweni. Ukubekezel­a ngesikhath­i ngifika kulo abantu bebuza umethuli owayeshiyi­le, bengigxeka bethi ngiyisidud­la akungidiki­balisanga kodwa ngoba ngase ngazi ukuthi ngiphokoph­ele kuphi,” kuchaza uProVerb.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa