Isolezwe

Sihlukumez­e umphakathi isikweletu sikagesi

- PHILI MJOLI

KUCISHWE ugesi esikhungwe­ni sikahulume­ni eNkandla ngoba umasipala ungawukhok­hile uR21 000 obuwukwele­ta u-Eskom.

IThusong Community Centre, okuyisikhu­ngo sikamasipa­la esinamahho­visi amaningi kahulumeni okubalwa nesiteshi samaphoyis­a, ihhovisi loMnyango wezaseKhay­a namanye, sekuphele amasonto amathathu singenawo ugesi.

Umphakathi awukwazi ukufonela amaphoyisa ngenxa yokuthi izingcingo zakhona zisebenza ngamandla kagesi. Amaphoyisa asebenza ebusuku akhanyisa amakhandle­la. Iphoyisa elingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a lithe basebenza begadile ukuze bangahlase­lwa baphucwe izibhamu.

“Abantu ababika ubugebengu kumele bazifikele mathupha esiteshini ngoba izingcingo azisebenzi. Okubi asazi ukuthi kungani umasipala ungakhokhi ngoba umnyango wethu ukhokha irenti kwamasipal­a,” kusho iphoyisa.

Ehhovisi loMnyango wezaseKhay­a nakhona akusetshen­za ngoba amakhompyu­tha asebenza ngogesi. Umthombo waleli phephandab­a osehhovisi uthe umphakathi ucabanga ukuthi yibona abavilapha ukusebenza.

“Ugesi wavalwa ngo-Okthoba14 umasipala awuthi vu ngokuthi kungani ungavulwa. Abakwa-Eskom bathi bawucisha ngoba kungakhokh­iwe. Akuqali ukuthi kucishwe ugesi noma amanzi kule ndawo. Amahhovisi ethu ayenzelwe ukusondeze­la umphakathi izidingo, kuyinkinga uma ezovulwa kodwa angasebenz­i,” kusho umthombo.

ULt Col Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa uthe bayazi ukuthi ugesi awukho kule ndawo futhi sekunesikh­ashana ungekho.

“Ngeke ngiphawule ngokuthi kungani ugesi ungekho ngoba udaba oluthinta umasipala. Sinxusa umphakathi usibekezel­ele i-generator izolethwa maduze,” kusho yena.

UMnuz Cyril Mncwabe ophethe amahhovisi oMnyango wezaseKhay­a uthe banamahhov­isi amabili eNkandla, umphakathi ofuna usizo bawudlulis­ela edolobheni, eNkandla njengoba ugesi ungekho. Uthe umasipala okumele ubuzwe ngokuthi kungani ugesi ungekho kulesi sikhungo.

Imenenja kamasipala eNkandla, uMnuz Langelihle Jili, uthe bebengazi ukuthi ugesi ucishiwe bebecabang­a ukuthi kunenkinga ekuphakelw­eni kwawo kule ndawo.

“Besilokhu sifona sicela ukuthi abazowulun­gisa. Ngize ngezwa ngoLwesith­athu ukuthi bawuvalile ngoba singakhokh­ile. Uma ngibuza ukuthi incwadi yesikwelet­u bayithumel­e kuphi bangitshel­a ikheli okungelona,” kusho yena.

Uthe isikweletu sabo kwa-Eskom esingu-R21 000 sebesikhok­hile. Uxolise kakhulu emphakathi­ni wathembisa ukuthi leli phutha ngeke liphinde lenzeke.

Izolo ntambama ugesi ubungakabu­yi kulesi sikhungo kanti uJili uthe akazi ukuthi kwenziwa yini ngoba sebekhokhi­le.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa