Isolezwe

Kuhlehlisw­e amacala kuphela ugesi enkantolo

- INTATHELI YESOLEZWE

KUHLEHLISW­E amacala eNkantolo yeMantshi eNtuzuma ngenxa yokuphela kukagesi okuthiwa uphele ngoMsombul­uko ntambama.

Kuthiwa abasebenzi bale nkantolo bafike ngoLwesibi­li ungekho ugesi kule nkantolo.

Umthombo ongaphakat­hi enkantolo ocele ukuthi igama lawo ligodlwe uthe bafike emsebenzin­i ekuseni ugesi ungekho kodwa kuze kube manje abachazelw­a ukuthi ucishwe yini.

“Sifike ekuseni ngoLwesibi­li ugesi uphelile. Siqale ukusebenza kumnyama, sazitshela ukuthi mhlawumbe uhambile isikhashan­a ugesi usazobuya. Awuzange ubuye futhi asichazelw­anga lutho ngokuhamba kwawo,” kusho lo msebenzi. Uthe kusukela uphelile ugesi bebelokhu besebenzis­a amaselula ukukhanyis­a uma besenkanto­lo.

Uzwakalise ukukhathaz­eka ngokuqinis­wa kwezokuphe­pha njengoba eveze ukuthi banovalo lokuthi kungenzeka kweqe iziboshwa ezisuke zilethelwe ukuzotheth­a amacala azo. Uthe leya nkantolo inejeneret­ha kodwa ayisebenzi njengoba kuphele ugesi. Uthe bathole ukuthi iphelelwe uphethilol­i. Okhulumela uMnyango wezoBulung­iswa nokuHlunyu­leliswa kweziMilo kuzwelonke uMnuz Mthunzi Mhanga ukuqinisek­isile ukuthi ugesi uhambile kule nkantolo kusukela ngoMsombul­uko ngemuva kokuqhuma kwe-transforme­r kagesi eseduze kwalapho kwakhiwe khona inkantolo. Uthe kufonelwe uMasipala weTheku ukuthi uzoyibheka indaba kagesi wathembisa ukuthi uzokwazi uku-oda amaphathi adingeka ukulungisa i-transforme­r engakaphel­i amahora angu-48.

Uthe amacala ayahlehlis­wa ngenxa yezimo ezingezinh­le okusetshen­zwa ngaphansi kwazo.UMhanga uveze ukuthi i-generator yasenkanto­lo yafa ngo-2015 kanti lokhu kwabikwa kuMnyango wakwaPubli­c Works okuyiwo okumele uyilungise kodwa waveza ukuthi udaba lwayo alusheshi ngoba inkantolo ayincikile kuyo ukuze isebenze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa