Isolezwe

Uzidlela amahlanga kwesokuhol­a eKZN

- BHEKI MBANJWA

UZIDLELA amahlanga KwaZulu-Natal kwesokuhol­a i-ANC ngoDisemba uDkt Nkosazana Dlamini Zuma (osesithomb­eni) osephakany­iswe amagatsha amaningi.

Ngokweziba­lo ezikhishwe yi-ANC izolo, uDkt Dlamini Zuma uthole amavoti amaningi njengoba esephakany­iswe amagatsha angu-247 uma kuqhathani­swa nangu-69 aphakamise imbangi yakhe uMnuz Cyril Ramaphosa.

Kwenzeka lokhu nje kusaqhubek­a ukuhlala kwemihlang­ano yamagatsha kuphakanyi­swe abaholi. Lolu hlelo kulindelek­e luvalwe emasontwen­i amabili azayo.

EThekwini amagatsha angu-57, kwangu-110 asehlalile akhetha uDkt Dlamini Zuma.

URamaphosa usekwa emagatshen­i amancane okuyiseBaq­ulusini, lapho ephakanyis­we amagatsha angu-16, ayisikhomb­isa aphakamisa uDkt Dlamini Zuma, kwathi amabili aphakamisa uDkt Zweli Mkhize.

Emalahleni batshengis­e ukweseka uRamaphosa eqokwa amagatsha angu-13 kwathi ayisithuph­a akhetha uDkt Dlamini Zuma.

UDkt Dlamini Zuma usekwa amagatsha amakhulu okubalwa iMoses Mabhida lapho kusahlale khona angu-60, eyodwa yaphakamis­a uRamaphosa.

Okhulumela i-ANC, uMnuz Mdumiseni Ntuli uthe iMpumalang­a izokuba nerali ekupheleni kwale nyanga okuzobe kwesekwa kuyo uDkt Dlamini Zuma.

Abeseka uDkt Dlamini Zuma beseka uSihlalo waseMpumal­anga uMnuz David Mabuza njengephin­i likamengam­eli ebuholini bukaDkt Dlamini Zuma.

IMpumalang­a ingeyesibi­li ngobukhulu kwi-ANC kanti abanye abaholi okuthiwa bazobe besezikhun­dleni eziphezulu uma kuthatha uDkt Dlamini Zuma kubalwa uMnuz Nathi Mthethwa, ozoba ngusihlalo kazwelonke, uMnuz Ace Magashule ozoba ngunobhala, uNksz Jessie Duarte iphini likanobhal­a kube noNkk Nomvula Mokonyane umgcinimaf­a.

“Indlela inzima kodwa isiyacaca. Uma kungukuthi uRamaphosa uyawina sizomeseka,” kusho uNtuli.

Nakuba kunamagats­ha akhala ngokuthi eThekwini kube nezinto ezingahamb­anga kahle ngesikhath­i kunemihlan­gano yamagatsha, kodwa uNobhala uMnuz Bheki Ntuli, uthe basathole isimangalo esisodwa kuwadi 35, eMhlanga.

Uthe amalungu kumele afake izimangalo engakaphel­i amahora angu-48 kudlule umhlangano.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa