Isolezwe

Izinhlelo zokuvala irenki lezigemege­me

- NONTUTHUKO NGUBANE

UHLONGOZA ukuvala ukusebenza kwerenki yamatekisi ahamba amabanga amade eMnambithi uNgqongqos­he wezokuPhep­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda.

Izolo, uNgqongqos­he uye eMnambithi emuva kokuba kushone abantu abangu-11 ngoLwesibi­li kudutshulw­a usomatekis­i.

Yize bese kuthiwa sebengu-12 asebeshoni­le kubuye kwavela ukuthi akunjalo, olimele usesimweni esibucayi egunjini labagula kakhulu esibhedlel­a.

Okhulumela umnyango, uMnuz Kwanele Ncalane uthe uNgqongqos­he wenze izethulo kwikhabine­thi ngezifiso zokuqinise­kisa ukuphepha erenki yaseMnambi­thi. “UKaunda uphakamise ukuba kusetshenz­iswe isigaba 91esingaph­ansi komthetho, iLand Transport Act. Ngaphansi kwalesi sigaba wuhulumeni oqinisa ezokupheph­a erenki, uhlu lwamagama abantu abasebenza imizila lugcinwa kwi-data base. Uhulumeni uba nelungelo lokuvala irenki uma kunesiding­o. Uma ikhambinet­hi yeseka leso siphakamis­o kobe sekulandel­wa imiyalelo yomthetho ukwenza lokhu,” kusho uNcalane.

UKaunda kuthiwa uhlangane nethimba lamaphoyis­a nabaphenyi becala izolo, unethemba lokuthi kuzoboshwa abasolwa maduze.

UNcalane uthe uma kuvalwa irenki ososeshini abazothint­eka yiSizwe ne-Klipriver.

Usomatekis­i obulewe ngoLwesibi­li, uMnuz Muzikayifa­ni Ngobese, ubeyiphini likasihlal­o kusoseshin­i Klipriver. Kusolwa ukuthi ukubulawa kwakhe kumayelana nezikhundl­a, yizimvume zokusebenz­a kanye nombango wezimila.

Kwenzeka lokhu nje uNcalane uthe amaphoyisa aphenya amacala angaphezu kuka-10 okubulawa kwabantu enzeke ngo-Septhemba nonyaka athinta umbango wamatekisi­ni eMnambithi.

Umthombo osebenza erenki ukhale ngokudembe­sela kukaKaunda ngalesi simo ababhekene naso.

“Amanzi angenile endlini asazi manje iyoxazulul­eka kanjani le mpi ngoba uNgqongqos­he wabikelwa ngaphambi kokufa kwabantu. Manje uMnyango usufuna ukunyakaza. Asazi ukuthi ukunyakaza kwabo kusazosebe­nza yini njengoba sekonakele kakhulu embonini,” kusho umthombo.

Kuthiwa abanye osomatekis­i bacashile selokhu kwenzeka lesi sigameko. UNcalane uthi angu-60 amatekisi aboshiwe okutholaka­le ukuthi awanazo izimvume zokulayish­a abantu. UKaunda izolo uyile kobona lawa matekisi. Kuthiwa umkhankaso wokukhucul­ula amatekisi angenazimv­umo uzoqhubeka. Amaphoyisa omgwaqo nawobugebe­ngu kuthiwa atshaliwe eMnambithi kuze kube kudlula imilindelo nemingcwab­o yabashonil­e. Abashonile: - UMzikayifa­ni Ngobese, Nosipho Ngobese, Mthembeni Mkhize, Ayanda Ngcobo, Buyani Gama, Khethenjan­i Thwala, Zandile Dlamini, Bonisiwe Ziqubu, S.M Mavimbela, Sane Msimango nomunye obengakada­lulwa.

 ??  ?? NKK ZANDILE DLAMINI
NKK ZANDILE DLAMINI
 ??  ?? NKSZ KHETHENJAN­I THWALA
NKSZ KHETHENJAN­I THWALA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa