Isolezwe

Kutholwe isidumbu sengane yomfana siphoswe emfuleni

- ZANELE MTHETHWA

KUFUNWA umndeni womfana isidumbu sakhe esitholaka­le ngoMsombul­uko siphoswe emfuleni oHlanga eThekwini, sinamanxeb­a okugwazwa.

Umfana oneminyaka elinganise­lwa kwewu-11, isidumbu sakhe sitholwe emfuleni ngasebhulo­hweni uM41 ngaseMhlan­ga ngoMsombul­uko ntambama. Kuthiwa sibonwe ngomunye wabadobi, obikele amaphoyisa. Ngaphandle kwamanxeba okugwazwa kuthiwa ubesikwe intamo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, izolo uthe akukaveli muntu ohlobene nomufi.

“Isidumbu sakhe sitholakal­e sesiqala ukonakala. Asikaziwa isizathu sokubulawa kwakhe. Amaphoyisa aseDurban North aphenya icala lokubulala. Akukaboshw­a muntu okwamanje,” kusho uCaptain Gwala.

Kuthiwa amaphoyisa nabophiko lokutakula bafike ukuzolanda isidumbu babona kamuva ukuthi sisikwe intamo.

Kusolwa ukuthi umfana ubesanda kubulawa ngoba isidumbu bekuyima siqala ukonakala.

Akukacaci ukuthi ubulawe eduze kwalapho atholakale khona yini noma uphoswe esevele esebulewe kwenye indawo. Kuthiwa nasemhlane ubesinezib­azi zokushaywa.

Isidumbu sifakwe emakhazeni kahulumeni ePhoenix kusalindwe umkhondo womndeni womfana.

Kucelwa ukuthi abalahleke­lwe yingane yomfana baxhumane namaphoyis­a aseDurban North ukuyobona isidumbu.

Kucelwa nonolwazi ngokubulaw­a komufi noma owazi umndeni wakhe ashayele amaphoyisa ku-031 560 8004 ngezikhath­i zomsebenzi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa