Isolezwe

Azophela amahlathi ezinyangen­i mbumbulu

- ZANELE MTHETHWA

AZOPHELA amahlathi kubelaphi bendabuko abangenazi­tifiketi njengoba kusukela ngonyaka ozayo umkhandlu wabelaphi uzoqinisa imithetho.

Lokhu kushiwo nguMnuz Sazi Mhlongo onguMengam­eli weSouth African Traditiona­l Healers Associatio­n, othe bakhathele ukuphoxeka ngenxa yezinyanga mbumbulu. Ubephawula nge-video esisabalel­e kuWhatsApp eveza owesifazan­e ehayiza, enqunu kwesingeza­nsi, evula imilenze sengathi uyasha esithweni sakhe sangasese. Le video kukholakal­a ukuthi yaqoshwa lapho kudayiswa khona imithi yokwelapha ngasemaket­he eThekwini.

Lo wesifazane ubonakala eseduze kokusasigo­dlo, ekhahlela imithi nezinkamba. Kubonakala owesilisa eqoqa izimpahla zakhe kulesi sigodlo, eqoqa icansi nemithi esichithek­e phansi. Abanale video bathi lo wesifazane wasebenzis­a umuthi awunikwa umelaphi emgwaqweni.

UMhlongo uthe bayazi ngezinyang­a mbumbulu esezigcwel­e imigwaqo eThekwini, ezikhangis­a ngemithi yokwelapha. “Besisemhla­nganweni womkhandlu sikhuluma yona le ndaba yezinyanga mbumbulu. Inyanga ayikaze ihambe izincoma ngomuthi wayo kodwa abantu bayazizela ngoba bezwe ngabasizwe iyona.” Uthe ngonyaka ozayo ayikho inyanga ezovunyelw­a ukwelapha ngaphandle kwesitifik­eti futhi ingaziwa emkhandlwi­ni wabelaphi. Uthe lena yindlela yokuqeda izinyanga mbumbulu. Uveze ukuthi ngisho unikwe yinyanga umuthi ongasizang­a, iyona futhi okumele ikunikeze ozoqeda inkinga.

UDkt Bongani Nxumalo uthe abantu kumele bagweme ukuthenga noma yimuphi umuthi emgwaqweni. Ugcizelele ukuthi noma yini engena emzimbeni ingahloliw­e idala umonakalo. “Umuthi uya esibindini esikhiqiza amakhemikh­ali angalimaza umzimba. Ungazibona usulunywa emzimbeni, kulimale izinso, uphoyizeni uye ebuchoshen­i. Umuntu angagcina ephambana ekhanda ngenxa yophoyizen­i ongene ebuchoshen­i.”

Ezinye izimpawu zokuphuza umuthi ongafanele uthe ukuhlanza igazi, okungagcin­a kuholele ekufeni. Uthe isibindi siphethe impilo yomuntu, yingakho kungamele singenwe okungafane­le. Uveze nokuthi sikhiqiza nama-homorne kwabesilis­a nabesifaza­ne, okungaphaz­amisa nezitho zangasese uma singenwe umuthi ongafanele. Uxwayise nangokugco­ba noma yini edayiswa emgwaqweni okungadala ukuluma nezilonda.

 ??  ?? UMNUZ SAZI MHLONGO
UMNUZ SAZI MHLONGO
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa