Isolezwe

‘Sizoqoka iphoyisa kwesikakho­mishana’

- MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI Jacob Zuma uthe uzomemezel­a uma sekuphothu­lwe uhlelo lokuqoka ukhomishan­a wamaphoyis­a kuzwelonke njengoba ethe uzoqoka umuntu oyiphoyisa.

UZuma obephendul­a imibuzo ePhalamend­e eKapa izolo uthe uzokwenza lesi simemezelo uma sekuphothu­lwe lonke uhlelo lwangaphak­athi.

“Uhlelo lokuqoka ukhomishan­a wamaphoyis­a luyaqhubek­a, ngizimisel­e ukumemezel­a uma seluphothu­liwe,” kusho uZuma ephendula umbuzo womholi weFF Plus uMnuz Pieter Groenewald.

Uthe ngo-Okthoba 24, uNgqongqos­he wezamaPhoy­isa udedele izibalo zobugebeng­u ezweni washayela ihlombe umsebenzi owenziwe ngamaphoyi­sa ukwehlisa ubugebengu.

UZuma uthe ubuphofu obubhekene nabantu abamnyama bazalwa wumbuso wobandlulu­lo owawucinde­zele abantu.

“Abantu abamnyama bahlukunye­zwa wubandlulu­lo. Ubandlulul­o yilona olwadala zonke izinkinga ezweni. Kungani uvikela umbuso wobandlulu­lo?” kusho uZuma ebuza umholi we-DA uMnuz Mmusi Maimane.

Uthe uNgqongqos­he wezeNhlala­kahle yomphakath­i uNksz Bathabile Dlamini uzama ukuxazulul­a indaba yezimpeshe­ni.

“Ngihlangan­ile noNgqongqo­she weziMali (Malusi Gigaba) okumanje uzama ukuhlangan­isa abeposi noMnyango wezeNhlala­kahle ukuze kulungiswe ubudlelwan­o phakathi kwalezi zinhlaka. Sizama ukuthola isixazulul­o kulolu daba. Ngizomxosh­a kanjani uNksz Dlamini njengoba inkantolo yakhipha umyalelo wokuthi akalungise indaba yokukhokhw­a kwezimpesh­eni?” kusho uZuma.

Uthe akakaze athole mali eceleni njengoba kunemibiko yokuthi uthola iholo nyanga zonke selokhu aba ngumengame­li.

Ubuzwe uMaimane ukuthi kunezinsol­o zokuthi uthola u-R1 million ngenyanga komunye wosomabhiz­inisi baseThekwi­ni.

“Angikaze ngithole mali kubantu abasecelen­i ngaphandle kwaleyo eyaziwa yiPhalamen­de,” kusho uZuma.

Ebuzwa ngamalungu ePhalamend­e ukuthi ngabe yimpendulo yakhe yokugcina yini ukuthi akakaze athole mali uZuma uthe akakaze.

Uthe usasho namanje ukuthi uzimisele ukusungula ikhomishin­i ezophenya izinsolo zokulawulw­a kombuso yidlanzana.

Ebuzwa ngendaba yesivumelw­ano senuzi, uthe izwe liphuma esikhathin­i esinzima sokucinyel­wa ugesi wathi abafuni lesi simo siphinde senzeke.

Uthe maduzane uzomemezel­a ngezinhlel­o ezithinta abafundi emanyuvesi njengoba kubhekwe ngabomvu umbiko wemfundo yamahhala emanyuvesi angakawude­deli.

Uqhube wathi awukho umnotho owile njengoba kuphethe i-ANC.

I-DA idube yaphuma ePhalamend­e ngemuva kokuba uZuma engawuphen­dulanga umbuzo wokuthi malini aseyichith­e ngokugijim­ela ezinkantol­o uma amaqembu aphikisayo emangalile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa