Ingebhe emndenini wabafa kuhlaselwa
UMNDENI wabayisishiyagalombili abadutshulwa bashiswa eMbangweni, eMatimatolo, ngenyanga edlule uthe ukhathazekile futhi unovalo njengoba kungakaboshwa muntu ngalesi sehlakalo.
Umndeni wakwaSibiya namanje usakhanyise amakhandlela, uzilele amalungu amahlanu angakangcwatshwa.
UNksz Mpume Sibiya (39) owashonelwa ngunina uNksz Sindisiwe Sibiya (60), amadodakazi akhe uThembeka Sibiya (14) noLondeka Sibiya (8), umzukulu wakhe uZiyanda Zondi (2) noLindokuhle (6) uthe kuyabakhathaza kakhulu ukungaboshwa kwababulali.
“Asazi ukuthi kumele senze njani ngoba kuze kube manje amaphoyisa akukho akushoyo ngecala asitshela ukuthi asaphenya. Njengoba kungekho oseboshiwe kusho ukuthi izitha ziyacanasa. Lokhu kwenza sisabe nathi ngoba asazi ukuthi bacabangani noma bahlelani,” kusho uNksz Sibiya.
Imiphumela yolibofuzo ngezidumbu zezihlobo zakhe uthe isanda kubuya.
“Sizongcwaba ngempelasonto ezayo ngoba besingakwazi ukuthola izitifikezi zokushona kwabo kungakaqedwa ngemiphumela yolibofuzo. Kunzima kakhulu njengoba sisahlezi emakhandleleni, isilonda sokubulawa kwabo silokhu sibhibha,” kusho uNksz Sibiya.
UNksz Nanazi Sibiya (58) nabazukulu ababili u-Olwethu noSdudla ababulawa bekomunye umuzi bangcwatshwa ngo-Okthoba 15 nonyaka ngoba izidumbu zabo zazingashanga kakhulu. Bahlaselwa ngo-9 ebusuku ngoOkthoba 3 nonyaka.
Kwavela ukuthi kwezwakala kuqhuma izibhamu kwabonakala sekusha ezindlini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe uphenyo luyaqhubeka kodwa akukaboshwa muntu ngamacala.
UNgqongqoshe wezokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, ekhuluma neSolezwe ngelanga lomngcwabo wabathathu wathi ukhona umkhondo amaphoyisa awulandelayo kodwa abafuni ukusheshe babophe abasolwa ngaphandle kobufakazi obubambekayo bese bebuye bededelwa sebesenkantolo.