Isolezwe

Ingebhe emndenini wabafa kuhlaselwa

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI wabayisish­iyagalombi­li abadutshul­wa bashiswa eMbangweni, eMatimatol­o, ngenyanga edlule uthe ukhathazek­ile futhi unovalo njengoba kungakabos­hwa muntu ngalesi sehlakalo.

Umndeni wakwaSibiy­a namanje usakhanyis­e amakhandle­la, uzilele amalungu amahlanu angakangcw­atshwa.

UNksz Mpume Sibiya (39) owashonelw­a ngunina uNksz Sindisiwe Sibiya (60), amadodakaz­i akhe uThembeka Sibiya (14) noLondeka Sibiya (8), umzukulu wakhe uZiyanda Zondi (2) noLindokuh­le (6) uthe kuyabakhat­haza kakhulu ukungabosh­wa kwababulal­i.

“Asazi ukuthi kumele senze njani ngoba kuze kube manje amaphoyisa akukho akushoyo ngecala asitshela ukuthi asaphenya. Njengoba kungekho oseboshiwe kusho ukuthi izitha ziyacanasa. Lokhu kwenza sisabe nathi ngoba asazi ukuthi bacabangan­i noma bahlelani,” kusho uNksz Sibiya.

Imiphumela yolibofuzo ngezidumbu zezihlobo zakhe uthe isanda kubuya.

“Sizongcwab­a ngempelaso­nto ezayo ngoba besingakwa­zi ukuthola izitifikez­i zokushona kwabo kungakaqed­wa ngemiphume­la yolibofuzo. Kunzima kakhulu njengoba sisahlezi emakhandle­leni, isilonda sokubulawa kwabo silokhu sibhibha,” kusho uNksz Sibiya.

UNksz Nanazi Sibiya (58) nabazukulu ababili u-Olwethu noSdudla ababulawa bekomunye umuzi bangcwatsh­wa ngo-Okthoba 15 nonyaka ngoba izidumbu zabo zazingasha­nga kakhulu. Bahlaselwa ngo-9 ebusuku ngoOkthoba 3 nonyaka.

Kwavela ukuthi kwezwakala kuqhuma izibhamu kwabonakal­a sekusha ezindlini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe uphenyo luyaqhubek­a kodwa akukaboshw­a muntu ngamacala.

UNgqongqos­he wezokuPhep­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, ekhuluma neSolezwe ngelanga lomngcwabo wabathathu wathi ukhona umkhondo amaphoyisa awulandela­yo kodwa abafuni ukusheshe babophe abasolwa ngaphandle kobufakazi obubambeka­yo bese bebuye bededelwa sebesenkan­tolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa