Isolezwe

Sekwanele manje ayisukunye­lwe eyodlame lwamatekis­i

-

YAZE yabuhlungu into eyenzeke eMnambithi lapho kushone khona abantu abangu-12 ngenxa yokushayis­ana kwetekisi neveni kade kusocongwa omunye wosomateki­si.

Ngale kukasomate­kisi nonogada bakhe, abanye abashonile ngothisha abane, okusolwa ukuthi ungumshaye­li wetekisi nonobhala wesinye sezikole zakule ndawo.

Labo thisha nonobhala bebeziyela esikoleni njengoba namhlanje imindeni yabo ihlezi emanzini kodwa bebe bengahlang­anise lutho namatekisi.

Kanti kumele kuze kuphume izidumbu ezingaki ngaphambi kokuthi abantu abasemboni­ni yamatekisi babone ukuthi alubuyisel­i kanjani lolu dlame abalokhu beluqhubil­e, kunalokho kugcina kufe nabantu abangenaca­la?

Kuyaye kuthiwe osomatekis­i amasoka nje kodwa isisoka yinto abangenayo ngoba uma bephikisan­a bakhuluma ngenganono kuphela.

Namhlanje kunezingan­e eseziyizin­tandane kanti kuphazamis­eke nokufunda ezikoleni lapho labo thisha bebesebenz­a khona njengoba kuyisikhat­hi esibucayi sokubhalwa kwezivivin­yo zokuphela konyaka.

Sekuze kwamukelwa nje ukuthi igazi liyazigobh­ozela kule mboni kodwa ezweni lethu kunamaphoy­isa, amasosha nezobunhlo­li. Bonke laba bantu umsebenzi wabo ukuvikela izwe kodwa namanje abakaze baqhamuke nesisombul­ulo sokulwa nodlame ematekisin­i. Lena ngenye yezimboni ezinkulu futhi ilekelela ukuthutha izigidi zabantu zonke izinsuku kodwa ukuziphath­a kwabantu abasebenza kuyona kwenza kuphele ukuziqheny­a ngokuthi ingenye yezimboni ezimbalwa ezasungulw­a futhi ezilawulwa ngabamnyam­a. Sizenza inhlekisa kwezinye izizwe njengoba esikhundle­ni sokuthi siyidlondl­obalise siyayibula­la futhi senza bajabule abakholwa ukuthi abantu abamnyama bangondlav­ini.

Sekwanele manje, akukwazi ukuqhubeka kanje. Impilo yinto ethathwa kancane nje eNingizimu Afrika ikakhulu kule mboni yamatekisi njengoba kusebenza izinkabi udede.

Izwe elinjani leli ababulali abazicanas­elayo kulo emini kwabha futhi bengazifih­li? Inkinga nayo leyo ukuthi osomatekis­i bagadwa yizinkabi kungabi ndaba zalutho. Siyodela ngokuthi kuze kufe bani ukuze kubonakale ukuthi kumele isukunyelw­e indaba yalolu dlame?

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa