Asiselona izwe lokwenama, uju nezinyosi
MHLELI: INingizimu Afrika emazweni omhlaba ithathwa njengezwe loju nezinyosi, kangangokuthi umuntu oqhamuka kwelinye izwe elilapha kwizwekazi,wazi ukuthi uma eke wafika kuleli usuke esazi ukuthi usefikile eKhenanai, ezweni lesithembiso.
Izwe lesethembiso sekuyizwe lokukhala nokugedla kwamazinyo ngenya yezinto ezenzeka kulona. Ubuholi obukhona njengamanje yize bufike umonakalo ukhona kodwa nabo bunomthelela omkhulu okhona ukuthi izinto zibhede kakhulu kunakuqala.
Sekwevile ngaphezu kweshumi uMengameli Jacob Zuma edlala umdlalo wokushintsha ikhabhinethi, ngakho njalo ukugunyazwa nguMthethosisekelo. Kungabe kanti isigungu sikaKhongolose kasinawo yini umthethosisekelo weqembu oqondene namalungu uma ephuma emgqeni?
Ngokubona kwami ngibona ukhona oqondene namalungu kuphela. Nakhu siwabona kwasa ebizelwa ezigcawini zokuqondiswa ubugwegwe. Okusho ukuthi kawukho oqondene nomengameli. Ngakho uma kukhona okwenzekayo kuyo kulimala lonke izwe ngokunjalo. Ubufakazi balokho iRandi bakithi livele libangwe nezibi, okusho omkhulu umonakalo ezweni jikelele, kakhulukazi emnothweni walo.
Kubantu abasuke bezoqokelwa ekubeni ngongqongqoshe kumele kuqalwe kubukwe ukuthi bahambe bagcinaphi emfundweni. Cabanga njena umphathiswa wezemfundo, ukulinganisa, uthole ukuthi umbombo kathisha washeshe wawushalazela bese uthi akaphathe othisha nothishanhloko, abaqondisi bemfundo nezinhloko zeminyango yezemfundo. Yintoni oyilindele lapho? Ingani phela ufakwe ngobukhomredi. Kuthathwe umnyango obucayi kahulumeni wezezimali kwenziwe isekisi ngawo. Lapha ke uMengameli uZuma ukhipha lona afake lona emnyangweni obucayi nakangaka. UMegameli uZuma nabo bonke asondele nabo kumele baboniswe ukuthi ukuphatha izwe akumele kugenjulwe ngakho ngoba kuyimpilo yabantu. Usuke ungaziphathele wena kodwa uyisisebenzi sesizwe. Kuneminyango esicwile ezikweletini. Yisemkhulu Nzimande EPORT SHEPSTONE