Kukushiya ubambe ongezansi okwenzeka ezweni lethu
Khabzela Mzimela EZWELIBOMVU MHLELI: Ngicela ukuthatha leli thuba ngiqwashise abantu ngosopolitiki abangayimeli into abayikhulumayo kodwa abasebenzisa amavoti ukuhlohla izisu zabo.
Kuqale kwashaywa imithetho enika izigebengu nezingane amalungelo angasile. Muva nje sekunabantu ababizwa ngamaphara ababhema iwunga bahlukumeze abantu. Ukuzuza amandla okuphatha kusiholele kulezi zimo engizibalile.
Kubulawa abantu bengenelwa ezindlini, bafa ubuthaphuthaphu abantu ehostela eGlebelands, kubulawa amakhansela nosopolitiki ngenxa yemibono yabo abayiveza emihlanganweni noma babulawe ngoba kubangwa amathenda?
Muva nje kusanda kubonakala abaqaphi babanye osopolitiki bephethe izibhamu bedubula emoyeni bethi bazobulala abantu.
Okungikhathazayo wukuthi kusolwa ukuthi osopolitiki basebenzisa laba bantu ukugudluza izimbangi zabo. Kuningi okwenzeka kule mihla okukushiya ubambe ongezansi.
Abantu bakhala nangezisebenzi zikahulumeni ezivilaphayo ezingafuni ukusiza abantu uma befika emahhovisi kube sengathi bayazihlupha.
Ngisanda kuya emahhovisi ekhansela eMlaza kwa-H ku-ward 79 ngafica osisi abasebenza khona bezikhinindela izindaba ekuseni bevale umnyango. Abantu ababezofuna usizo bahlala ihora lonke izintokazi zisazidlela ukudla.
Konakele ezweni. Amaphoyisa omgwaqo asolwa ngokugwazisa abantu ebafuna imali ye-‘drink’ ongazi ukuthi wona ngoba ayasebenza awazithengeli ngani. Sicela osopolitiki bayeke ukusifundekela ngepolitiki ngoba izwe lifile ngenxa yayo. Mbusi Mfeka EMZINTO