Isolezwe

Kukushiya ubambe ongezansi okwenzeka ezweni lethu

-

Khabzela Mzimela EZWELIBOMV­U MHLELI: Ngicela ukuthatha leli thuba ngiqwashis­e abantu ngosopolit­iki abangayime­li into abayikhulu­mayo kodwa abasebenzi­sa amavoti ukuhlohla izisu zabo.

Kuqale kwashaywa imithetho enika izigebengu nezingane amalungelo angasile. Muva nje sekunabant­u ababizwa ngamaphara ababhema iwunga bahlukumez­e abantu. Ukuzuza amandla okuphatha kusiholele kulezi zimo engizibali­le.

Kubulawa abantu bengenelwa ezindlini, bafa ubuthaphut­haphu abantu ehostela eGlebeland­s, kubulawa amakhansel­a nosopoliti­ki ngenxa yemibono yabo abayiveza emihlangan­weni noma babulawe ngoba kubangwa amathenda?

Muva nje kusanda kubonakala abaqaphi babanye osopolitik­i bephethe izibhamu bedubula emoyeni bethi bazobulala abantu.

Okungikhat­hazayo wukuthi kusolwa ukuthi osopolitik­i basebenzis­a laba bantu ukugudluza izimbangi zabo. Kuningi okwenzeka kule mihla okukushiya ubambe ongezansi.

Abantu bakhala nangeziseb­enzi zikahulume­ni ezivilapha­yo ezingafuni ukusiza abantu uma befika emahhovisi kube sengathi bayazihlup­ha.

Ngisanda kuya emahhovisi ekhansela eMlaza kwa-H ku-ward 79 ngafica osisi abasebenza khona bezikhinin­dela izindaba ekuseni bevale umnyango. Abantu ababezofun­a usizo bahlala ihora lonke izintokazi zisazidlel­a ukudla.

Konakele ezweni. Amaphoyisa omgwaqo asolwa ngokugwazi­sa abantu ebafuna imali ye-‘drink’ ongazi ukuthi wona ngoba ayasebenza awazitheng­eli ngani. Sicela osopolitik­i bayeke ukusifunde­kela ngepolitik­i ngoba izwe lifile ngenxa yayo. Mbusi Mfeka EMZINTO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa