‘Ngangifuna ukuyeka isikhundla ngo-2012’
UMHOLI we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi umemezele ukuthi uyehla ekuholeni leli qembu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, nguyena ophakanyisiwe ukuthi athathe izintambo. Umhleli wezepolitiki kwiIndependent Media KwaZulu-Natal, uKUBEN CHETTY ukhulume noShenge ngeminyaka engu-42 ehola i-IFP, ngoNelson Mandela, u-Oliver Tambo nonkosi Albert Luthuli kanjalo nomlando awushiyile.
Q: Umemezele ukuthi uyehla esikhundleni, kungani manje?
A: Ngake ngacabanga ukuthi ngikwenze eminyakeni edlule. Ngafuna ukuyeka ngo-2012 iqembu langicela ukuthi ngiqhubeke ngibambe kuze kukhethwe iphini elizoncela emaveni enginawo.
Q: Iqembu likhethe uMnuz Velenkosini Hlabisa, iMeya yaKwaHlabisa, kungani kukhethwe uHlabisa?
A: Kunqunywe emhlanganweni wezinhlaka zeqembu, ngiyavumelana nakho. Emhlanganweni wesigungu sikazwelonke nganxusa ukuthi kuphakanyiswe amagama abantu abazongena. Ngase ngizwile ukuthi kukhona umbango ngalesi sikhundla ngase ngifuna amagama abantu ababezongena. Omunye wabaholi uphakamise uHlabisa. Uyilungu lesigungu esiphezulu, unamava. Q: Iziphi izinto ozishaya isifuba ngazo njengomholi weqembu?
A: Bazama ukuhlakaza iqembu ngo-2011 ngokuthi basungule iNFP. Njengoba ngishiya manje kunobumbano kwi-IFP - ngesikhathi kuqokwa uHlabisa wamukelwe yiqembu.
Q: Nakuba uzoqhubeka nokuba yilungu lePhalamende, ngeke usaxakwa ngezinto zeqembu. Uzokwenzani ngesikhathi sakho?
A: Njengoba mina nonkosikazi wami sesikhulile, sizosithokozela lesi sikhathi, sizozipholela elangeni. Silahlekelwe izingane ezinhlanu kweziyisishiyagalombili, ngifuna ukuchitha isikhathi esiningi nalezi ezintathu ezikhona. Uma sengiphumule ngizobheka wonke amaphepha nemiqingo bese ngikuthumela konke esikhungweni sokugcina amagugu, iPrince Mangosuthu Buthelezi Museum and Documentation Centre, oLundi. Q: Ucabangani ngesimo se-ANC? A: Ngibuhlungu ngokwenzeka kwi-ANC. EPhalamende, ngesikhathi sivota ngokuyimfihlo ukuzwakalisa ukungamethembi uMengameli Zuma, ngathi akumele i-ANC ishabalale. Uma ngicabanga nge-ANC ngikhumbula uPixley Ka Seme no-Albert Luthuli - bobabili ngancela lukhulu kubona.
Q: Labo abasondelene nawe bathi iqembu lizoqhubeka lidlondlobale, ungabe unalo ithemba ngomlando owushiyile?
A: Uma uHlabisa ekhethwa nguyena muntu okahle ukuqhuba umlando. Kunabantu abafana noMnuz Narend Singh abazoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi iqembu lisendleleni efanele.
Q: Uchazwa njengomuntu obengadlali kulabo abahluleka ukulandela imigomo. Ingabe iyona ndlela ekahle yokukuchaza le?
A: (ehleka) Kwesinye isikhathi ngiyabaxolela labo abaphazamayo.
Q: Wawuyisishoshovu noLuthuli, Tambo noMandela. Babunjani ubudlelwano noMandela?
A: UMadiba wayengeyena nje umholi kodwa engumngani. Ngangingayi eGoli ngingazange ngiqale kwakhe, unkosikazi wakhe wokuqala u-Evelyn kwaba uNomzamo (Winnie Mandela) babengamukela ngezandla ezimhlophe. Encwadini yokugcina uMandela angibhalela yona ngo-1981 ngaphambi kokuthi adedelwe ejele wathi kuyihlazo ukuthi abantu bayabulalana wathi lokhu kumele kuphele.