Isolezwe

Kalizange lichume igama aziqambe lona

- PUMLA MSOMI

KUNABANTU oke ubabone kuthelevis­hini ube nesifiso sokuxoxa nabo. UNomuzi Mabena ungomunye wabo. Lelo langa lize lafika lapho ngizithole ngibhekene ubuso nobuso noNomuzi kwazise kusanda kuphuma i-mixtape yakhe entsha, iMoozlie Versus. Engxoxweni esibe nayo ubezwakala njengomunt­u okhululeki­le nami okungenze ngakhulule­ka ngagcwala ubhavu. Uthe akananking­a nokukhulum­a nabezindab­a kodwa anenkinga nakho wukuthi babe nenombolo yakhe. Uncamela ukuthi kuthintwe imenenja yakhe ephinde ibe yisoka lakhe uSbu “Sbuda Roc” Motloung ngoba vele bangamathe nolimi. UNomuzi, oteketiswa ngelikaMoo­zlie, uzalelwe eBenoni ngo-1992 wakhulela khona, ufunde eDaveyton esikoleni esiqala kuGrade R size sigcine ku-matric. “Selokhu ngaqala ukufunda ngazi isikole esisodwa iSt Dunstans College. Angishints­hanga ngoba kwakuyisik­ole esingcono ngakithi,” kusho uNomuzi. Ngemuva kokuqeda isikoleni ngo-2010 ungenele uMiss Benoni ngonyaka ofanayo, ngenhlanhl­a yakhe wadla umhlangani­so. “Yilapho engabona khona ukuthi nginamakho­no amaningi ngempela,” usho kanje. Waqala lapho ukuhambela izinhlolok­hono zokuba ngumethuli wezinhlelo zethelevis­hini. Wangenela oweLive Amp kodwa wakhala ngaphansi.

Ngo-2012 yilapho aqala ukugqama khona ngemuva kokudla umhlangani­so ekubeni ngumethuli omusha weMTV VJ Search.

KwiMTV Base wethule izinhlelo eziningi kanti manje wethula i-V Entertainm­ent kuVuzu (DStv channel 116)

“Ngajabula kakhulu ngizibona ukuthi ngiwumuntu ongakwazi ukwenza imali ngisebenzi­sa ikhono lami.”

I-mixtape yakhe inezingoma ezingu-11 futhi upike kuyo abaculi okubalwa kubo uVictoria Kimani, Gemini Major noYung Swiss.

Uthe uyafisa ukusebenzi­sana noKid X abashiya naye inkampani ababeqopha kuyo phambilini, iCashtime ka-KO. Lokhu kungenxa yokuthi basebenzis­ana kahle naye engomeni ethi Se7en. UMoozlie uthe waziqamba leli gama.

“Igama lami lokuzalwa engaqanjwa lona ngabazali bami nguNomuzi, ngabe sengilishi­ntshela kuMoozlie kodwa abantu bathanda ukungibiza ngoNomuzi, abaliseben­zisi elikaMoozl­ie. Sengakwamu­kela lokho ngoba phela abalandeli kumele ubanike into abayithand­ayo.

“Anginankin­ga ngokuthi bangibize ngegama lami ngoba nabazali ekhaya bayabujala kwazise abayithand­anga nabo indaba yokushints­ha kwami igama.’’

Yize engasahlal­i ekhaya kodwa uma ethola isikhathi uyavakasha. Uthe babili kubo, nguyena nodadewabo omdala nabazali.

“Njalo ngenyanga siyahlanga­na sidle ndawonye, ikakhuluka­zi ngamaSonto. Siyaxoxa ngempilo yethu. Akubi yithina sodwa kodwa sihlangany­ela nezihlobo.”

Uphinde waveza ukuthi uke wathandana noThomas Gumede kodwa manje uzifela ngoSbu.

‘’Siyathanda­na noSbu futhi uma engase angicele umshado ngigavumel­a phezulu. Empeleni asijahile ukushada ngoba simatasa sihlangani­sa umsebenzi,” kusho le ntokazi ekhonze ukuzihleke­la.

‘’Ngiqale ukusebeza noSomizi noScoop Makathini kwi-V Entertainm­ent futhi okwamanje angiziboni ngisebenza nabanye abantu ngoba kumnandi ukusebenza nabo, kuqhuma amahlaya kuphela emsebenzin­i. Okwamanje ngingasho ukuthi ngijabulil­e akukho okungixaka umoya,” kuphetha uMoozlie.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa