Isolezwe

Kulindelwe izi

- CHARLES KHUZWAYO

ABENKUNDLA okuhlale kwenziwa kuyo imicimbi kamaskandi, iCurries Fountain, eThekwini, sebelivuli­le ithuba lokwenza imicimbi kule nkundla.

Oyisikhulu senkundla uRonnie Govender uthe bathathe isinqumo ngemuva kokuhlanga­na nabagqugqu­zeli nabanye abathintek­ayo ekuhlelwen­i kwemicimbi. “Sasingayiv­alile kodwa sasiyimisi­le ngoba sisafuna ukuthola isu lokunqanda ukubulalan­a kwabantu uma kunemicimb­i. Sahlala phansi saqhamuka namasu angenza kube nokuthula. Okwenza kwaba lula ukuvumela imicimbi kamaskandi ukuthi sathola ukuthi abaculi sebekhumel­ene umlotha phambi kukangqong­qoshe namakhosi,” kusho uGovender.

Uthe ngalo Mgqibelo kunomcimbi ozoba khona obizwa ngeKhuphuk­a NeKhuphuka Nezakho Sibone Inkunzi eCurries Fountain. Emcimbini kuzocaca ukuthi yimuphi umaskandi olandelwa yizinkumbi zabalandel­i phakathi kukaKhange­lani “DubulaSoDu­bulana” Mhlongo woSaziwayo noKhuzani “Ndlamlenze” Mpungose. Umculi ozotheleka ephelezelw­a ngabalande­li abaningi ngokwedlul­ele, uzoklonyel­iswa ngesamba sikaR100 000. Okwenza amehlo athi njo kubalandel­i bakaKhuzan­i nabakaDSD Amageza Amahle asehoshe imfe ngenxa yokungabon­i ngaso linye nomhleli womcimbi uNgelo V, kubangwa imali ayiwina nyakenye. Omunye umculi olandelwa yizinkumbi kodwa osehoxile nguMthande­ni ‘Igcokama Elisha’ Manqele, naye okhale ngokungavu­melani noNgelo V ngemali yokuqashwa. AbakaMjiki­jelwa babukeka bengakhuth­ele njengabaka­DSD nabeNdlaml­enze. U-DSD neNdlamlen­ze bebengamat­he nolimi njengoba beqopha ndawonye enkampanin­i, Izingane Zoma futhi bese behlale beqopha ndawonye baziwa ngokuthi Izikhondla­khondla

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa