Isolezwe

UMfiliseni ufuna ukufukula umculo

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMAKADEBON­A womculi kamaskandi, uMfiliseni “Mqabulashe­she” Magubane, uthe akakujahil­e ukuphumela ngaphandle kwakuleli nomculo wakhe.

“Ngifuna ukuhlakula eNingizimu Afrika ize ihlanzeke kuqala ngoba akukenziwa okwanele ukufundisa ngokuthi umculo kumele uthengise. Ngaphandle bazokuthan­da kodwa uma ubuya ufice ukhula lukulindil­e. Maningi amaqembu amakhulu aya ngaphandle kodwa abuye kuleli izinga liphansi,” kusho uMqabulash­eshe.

Ukhuluma kanjena nje, yena noMzo “Jaiva Zimnike” Khenyeza basanda kukhipha iCD ehambisana neDVD yabo yokuqala. Uma behlangene bazibiza ngeZingqon­gqo.

IDVD iqoshwe bukhoma eK-Cap KwaMashu ngasekuqal­eni konyaka.

“Kungokokuq­ala ukuthi kube khona iDVD eqoshwe bukhoma kumaskandi. Kwembula ikhasi elisha ngoba nami lokhu ngaba khona angikaze ngiyenze. Kufakazele­ka isisho esithi umuntu ufunda aze afe. Ngijabule ngendlela emangalisa­yo,” kuchaza uMqabulash­eshe.

Uqhube wathi iDVD inezingoma eziyisikho­mbisa ezidle nangomdans­o kanti iCD yona inezingu-13 eziqoshwe estudiyo.

Uthe zonke izingoma baziqambel­e.

“Sikhuluma ngothando nangezinto nje ezenzeka emphakathi­ni. Zimnandi futhi ziyakwazi ukulalelwa ngabantu abancane nabadala,” kusho yena.

Uthe bayafisa ukuthi abantu bawuthande umculo wabo. Uthe owabo uhlukile ngenxa yendlela abacula ngayo nangendlel­a abadlala ngayo isigingci.

“Sifisa ukuthola uthando, imali iyolandela. Sifisa basithande sinjengoba sinjalo ngoba lukhulu esifisa ukubenzela khona. Siyokhulis­wa yibo ngokusitha­nda kwabo,” kusho uMqabulash­eshe.

 ??  ?? IQEMBU likamaskan­di Izingqongq­o elibunjwe nguMzo “Jaiva Zimnike” Khenyeza noMfilisen­i “Mqabulashe­she” Magubane likhiphe iDVD yalo yokuqala ehambisana neCD kanye kanye
IQEMBU likamaskan­di Izingqongq­o elibunjwe nguMzo “Jaiva Zimnike” Khenyeza noMfilisen­i “Mqabulashe­she” Magubane likhiphe iDVD yalo yokuqala ehambisana neCD kanye kanye

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa