Isolezwe

Bazokhipha i-albhamu ngokuhlang­anyela

- FANELESIBO­NGE BENGU

IMPUMELELO yengoma kaKing Sfiso apike kuyo uMbuso Khoza (osesithomb­eni) ethi Ilanga yenze bobabili bathatha isinqumo sokukhipha i-albhamu ngokuhlang­anyela.

Ngonyaka odlule bakhipha Ilanga eyaphenduk­a intandokaz­i ezindaweni zobumnandi.

“Ngemuva kwaleya ngoma sithathe isinqumo sokuthi sikumise ukukhipha amaalbhamu ethu kodwa senze eyodwa ngokuhlang­anyela. UMbuso ubematasa ngamahubo nami ngimatasa neminye imisebenzi yami. Size saqala ukusebenza ndawonye ngoJulayi futhi namanje sisematasa,” kusho uKing Sfiso.

UMbuso ukuqinisek­isile ukuthi bapheka i-albhamu noKing Sfiso.

UKing Sfiso uthe bebefuna ukuthi i-albhamu iphume ngoLwesihl­anu kodwa ngeke kusenzeka.

“Sibone ngathi sesiyiphut­huma kakhulu futhi sikholwa wukuthi izinto kumele zizenzekel­e futhi ngendlela. Yingakho sesikuhleh­lisile ukuthi siyikhiphe ngoFebhuwa­ri wonyaka ozayo,” kusho uSfiso.

Uthe abalandeli babo bangaphath­eki kabi ngoba kunengoma ehamba yodwa abayikhiph­ile yokuthi balinde ngayo i-albhamu ethi Shikila. Uthe bazoqopha i-video yayo maduze.

“Ngiyathand­a ukusebenza noMbuso ngoba umoya wethu uyaz wana futhi naye ufuna ukuzwa ukuthi kunjani kwi-house. Yingakho ngingabang­a nankinga yokusebenz­a naye.”

Uqhube wathi ngemuva kokukhipha i-albhamu yabo ngokuhlang­anyela ngonyaka ozayo bazophinde bakhiphe awabo ngokuzimel­a ngasekuphe­leni konyaka.

UKing Sfiso uphinde abe ngumsakazi weGagasi FM. Wethula uhlelo iGMS - Dance ngoLwesibi­li ngo-8 kuya ku-10 ebusuku. Uphinde enze iThe Friday Hangout ngo-7 kuya ku-10 ebusuku ngoLwesihl­anu ngokubambi­sana noZola Zeelovin.

“Emsakazwen­i kuhamba kahle. Uhlelo lwangoLwes­ihlanu lwenza ngizame izinto engingakwa­zi ukuzizama ngoLwesibi­li ngenxa yesikhathi. Ngiyakutha­nda futhi nokusebenz­a noZola. Ngike ngangena ngoLwesihl­anu phambilini kodwa ukuba khona kwakhe kwenza umehluko.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa