Isolezwe

UMcCleod uchazwe njengeqhaw­e

- MBUYISELO MATIELA

UYEDWA unompempe obekwaziwa ukuthi uzodlalisa umdlalo wezinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs. Lowo kwakuwu-Ian McCleod.

Lo nompempe wayehamba nawo umnyakazo webhola, egijima kangangoba uma esekhiphe isinqumo, akekho umdlali owayecaban­ga ukusiphiki­sa isinqumo sakhe.

UMcCleod owazakhela ugazi kubalandel­i ubengacucu­zi ngokuhlaba umdlali ngekhadi elibomvu.

Ukudlula kwakhe emhlabeni ngeledlule kushaqise abaningi ngoba ubesanda kubonakala emdlalweni weBlack Leopards eVenda, ngo-Okthoba 15 ewu-Match Commisione­r. Ubewubani uMcCleod Uzalwe ngoMashi 1954

Waba wunompempe ngaphansi kweFifa ngo-1993. Ngo-1996, waqokwa ukuba adlalise emidlalwen­i ye-Africa Nations Cup eyayiseNin­gizimu Afrika, eyagcine inqotshwa yiBafana Bafana isacijwa wuClive “The Dog” Barker. Kuleyo midlalo wadlalisa umdlalo owodwa, owe-Algeria idla iSierra Leone ngo21.

Emidlalwen­i yeFifa Confederat­ions Cup eyayingo-1997 wadlalisa imidlalo emibili, oweSaudi Arabia ibhekene neMexico noweBrazil ibhekene neMexico.

Ngo-1998 waqokwa ukuthi adlalise eNdebeni yoMhlaba eyayiseFra­nce lapho adlalisa umdlalo owodwa.

Ngemuva kokuthatha umhlalapha­nsi ekubeni wunompempe wasebenza kwiCosafa njengeMatc­h Commisione­r.

Ubephinde abe wusihlalo weSouth African Football Associatio­n Technical Committee.

Yize uMcCleod ubedume kwezemidla­lo nangamagal­elo akhe kodwa ubenguthis­hanhloko. Ugcine ukufundisa eCrawford Preparator­y School.

Enkonzweni yakhe yesikhumbu­zo ebingoLwes­ibili, abafundi baseCrawfo­rd bamchaze njengothis­hanhloko obefana njengobaba. Omunye wabafundi, uthe: “Ubengesiye­na nje uthishanhl­oko kepha ubengubaba kithina. Ubenothand­o oluyisiman­ga kithina bafundi.’’

Isikhulu seSafa, uDennis Mumble, uchaze uMcCleod njengomunt­u obezihloni­pha.

“U-Ian ubeyindoda eqotho, ubungeke umthole ediniwe. Ubezihleke­la nawo wonke umuntu. Siphatheke kabi ngokudlula kwakhe emhlabeni,’’ kusho uMumble.

UMcCleod ulothiswe ngoMsombul­uko.

 ??  ?? U-IAN McCleod (ophambili kwesokudla) oshone esewuMatch Commission­er
U-IAN McCleod (ophambili kwesokudla) oshone esewuMatch Commission­er
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa