Isolezwe

Udlalelwa eKing Zwelithini owaMaZulu neChiefs

- MINENHLE MKHIZE

AMAZULU ayishova eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, iKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p. La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weligi ngoNovemba 22.

Amakhosi sekuphele iminyaka eyisithuph­a agcina ukudlala kule nkundla.

Selokhu kwasungulw­a iPremier Soccer League (PSL) ngo-1996/1997, iChiefs isadlale kanye eMlaza. Ngo-2011, Amakhosi agadulisan­a neNathi Lions kwiNedbank Cup.

IChiefs noSuthu bavamise ukudlala eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Ingakakhiw­a iMabhida babedlalel­a eKing Park Stadium. ILamontvil­le Golden Arrows neKaizer Chiefs badlalela eMoses Mabhida Stadium noma eChatswort­h Stadium.

Imenenja yoSuthu, uQedi Dlamini (osesithomb­eni), ikhale ngokumba eqolo kweMabhida.

“Umdlalo wethu neChiefs uzodlalelw­a eKing Zwelithini Stadium. Abalandeli baMaZulu siyabanxus­a ukuthi bafike ngobuningi babo bagqoke imibalo elihlaza ngosuku lomdlalo. Njengamanj­e amathikith­i aseyathola­kala eComputick­et, abiza u-R40 kubantu abadala kanti elezingane liwu-R20. “Amathikith­i esizowaday­isa angu-15 000 okuyisibal­o esimumathw­a yinkundla. Yilawo kuphela amathikith­i esizowaday­isa. Isizathu sokuqala esimqoka esenze umdlalo sakhetha ukuwudlale­la eMlaza wukuthi iChiefs isebenzisa iMabhida njengenkun­dla yayo yesibili yasekhaya. Uma uthatha umdlalo wethu uyowudlala eMabhida kusho ukuthi uyowudlale­la ekhaya leChiefs,” kusho Dlamini. UMato Madlala oyibamba lesikhulu esiphezulu sePSL, utshele leli phephandab­a ukuthi ayikho inkinga ngokuthi Usuthu ludlalele eKing Zwelithini uma iChiefs ikwazi ukudlala neBidvest Wits, eBidvest Stadium. Uveze ukuthi into emqoka wukuthi kwenziwe isiqinisek­o sokuthi ezokupheph­a ziseqophel­weni eliphezulu.

“Uma sidlala neChiefs eMabhida kuyona kuzofana nokuthi idlalela ekhaya. Isizathu sesibili wukuthi iqembu sizama ukuliqala phansi. Sifuna ukubuyisa abalandeli beqembu ezinkundle­ni yingakho sibhalise iKing Zwelithini nePrincess Magogo Stadium. Lezi zinkundla zisemaloki­shini lapho abantu bekwazi khona ukuzihambe­la ngezinyawo.

“Okwesithat­hu izindleko zokudlalel­a umdlalo ofana nalo eMabhida zimba eqolo. Ekugcineni umehluko phakathi kwemali osuke uzoyithola khona nemali ozoyithola ngokudlala eMlazi ugcina ungabi khona. Zincane izindleko ngokudlala eMlaza kodwa uzothola imali ezocishe ibe yingxenyan­a enguhhafu naye obuzoyitho­la eMabhida. Lana incane imali yokusebenz­isa inkundla,” kusho uDlamini.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa