Udlalelwa eKing Zwelithini owaMaZulu neChiefs
AMAZULU ayishova eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, iKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiership. La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weligi ngoNovemba 22.
Amakhosi sekuphele iminyaka eyisithupha agcina ukudlala kule nkundla.
Selokhu kwasungulwa iPremier Soccer League (PSL) ngo-1996/1997, iChiefs isadlale kanye eMlaza. Ngo-2011, Amakhosi agadulisana neNathi Lions kwiNedbank Cup.
IChiefs noSuthu bavamise ukudlala eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Ingakakhiwa iMabhida babedlalela eKing Park Stadium. ILamontville Golden Arrows neKaizer Chiefs badlalela eMoses Mabhida Stadium noma eChatsworth Stadium.
Imenenja yoSuthu, uQedi Dlamini (osesithombeni), ikhale ngokumba eqolo kweMabhida.
“Umdlalo wethu neChiefs uzodlalelwa eKing Zwelithini Stadium. Abalandeli baMaZulu siyabanxusa ukuthi bafike ngobuningi babo bagqoke imibalo elihlaza ngosuku lomdlalo. Njengamanje amathikithi aseyatholakala eComputicket, abiza u-R40 kubantu abadala kanti elezingane liwu-R20. “Amathikithi esizowadayisa angu-15 000 okuyisibalo esimumathwa yinkundla. Yilawo kuphela amathikithi esizowadayisa. Isizathu sokuqala esimqoka esenze umdlalo sakhetha ukuwudlalela eMlaza wukuthi iChiefs isebenzisa iMabhida njengenkundla yayo yesibili yasekhaya. Uma uthatha umdlalo wethu uyowudlala eMabhida kusho ukuthi uyowudlalela ekhaya leChiefs,” kusho Dlamini. UMato Madlala oyibamba lesikhulu esiphezulu sePSL, utshele leli phephandaba ukuthi ayikho inkinga ngokuthi Usuthu ludlalele eKing Zwelithini uma iChiefs ikwazi ukudlala neBidvest Wits, eBidvest Stadium. Uveze ukuthi into emqoka wukuthi kwenziwe isiqiniseko sokuthi ezokuphepha ziseqophelweni eliphezulu.
“Uma sidlala neChiefs eMabhida kuyona kuzofana nokuthi idlalela ekhaya. Isizathu sesibili wukuthi iqembu sizama ukuliqala phansi. Sifuna ukubuyisa abalandeli beqembu ezinkundleni yingakho sibhalise iKing Zwelithini nePrincess Magogo Stadium. Lezi zinkundla zisemalokishini lapho abantu bekwazi khona ukuzihambela ngezinyawo.
“Okwesithathu izindleko zokudlalela umdlalo ofana nalo eMabhida zimba eqolo. Ekugcineni umehluko phakathi kwemali osuke uzoyithola khona nemali ozoyithola ngokudlala eMlazi ugcina ungabi khona. Zincane izindleko ngokudlala eMlaza kodwa uzothola imali ezocishe ibe yingxenyana enguhhafu naye obuzoyithola eMabhida. Lana incane imali yokusebenzisa inkundla,” kusho uDlamini.