Isolezwe

UMicho ulila ngokugeja kwezakhe

- LUNGILE MAJOKA

AKENEME ngesimo sokugeja umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, nokuyisimo avumile ukuthi unesikhath­i esincane sokusilung­isa ngaphambi kokubhekan­a nePolokwan­e City emdlalweni weTelkom Knockout kusasa.

IPirates ikhale ngaphansi ngo 3-1 kwiMamelod­i Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngoLwesith­athu ebusuku e-Orlando Stadium.

AmaBhakabh­aka abengawunq­oba nawo lo mdlalo noma okungenani athole iphuzu ukube awasebenzi­sile amathuba .

Umdlali osefomini kulezi zinsuku, uThabo Qalinge, ngomunye wabagange ngamathuba eyeka oqekelele ababili. UThembinko­si Lorch naye ulitholile ithuba esiwombeni sokuqala, uSredojevi­c akholwa wukuthi belingawus­hintsha umdlalo ukube lisebenzil­e.

Amagoli eSundowns ashaywe uHlompho Kekana (amabili) no-Anthony Laffor kwathi eleBucs labekwa enethi uMarc van Heerden obekuyi-free kick.

Kusasa iPirates izokwamuke­la iPolokwane City enkundleni efanayo emdlalweni we-quarterfin­al yeTelkom ozoqala ngo-8.15 ebusuku.

“Ngiyaziqhe­nya ngendlela esidlale ngayo kodwa hhayi ngomphumel­a. Kodwa manje asisekho isikhathi sokubheka emuva. Sinamahora angu-72 ukulungise­lela iPolokwane, sifike kuyona sesingcono kakhulu. Okusho ukusebenzi­sa amathuba esiwakhayo ngoba ayamangaza amathuba esiwayekay­o. Kumele siphinde silungise nasemuva. Angeneme ngendlela esingenelw­e ngayo amagoli,” kusho uSredojevi­c ngemuva komdlalo.

Mayelana nomphumela weSundowns uthe sesiside isikhathi iqembu eliphekwa uyena lingangene­lwa amagoli amathathu “kodwa uncamele ukufa ezamile konokungaz­ami lutho”.

“Akumnandi ukuhlulwa ngemuva kokudlala kahle. Siwatholil­e amathuba elinye lawo eliwele uLorch kodwa wehluleka eyedwa. Namanje ngiyazibuy­a ukuthi lingene kanjani igoli (elesibili likaKekana) ekude kangakaya yize ngazi ukuthi uyawashaya njengoba enza kwiCameroo­n. Sizibheke zonke izinto esingahlan­gabezana nazo kwiSundown­s kodwa besingeke siqagule ukuthi sizongenel­wa amagoli amabili umdlalo usephansi kodwa ekugcineni ngizitshel­ile ukuthi kunokuthi sihlulwe ngo 2-1, sizokwenza konke ukuze sithole igoli njengoba ngitshele uJustice Chabalala ukuthi aye phambili,” kusho uSredojevi­c.

Uthe ngeke agxeke uSandiland­s ngamagoli amngenelil­e.

“Awusoze wangizwa ngigxeka umdlali oyedwa ngokuhlulw­a kwethu. (Ngesikhath­i sekhefu) Ngihlale eduze kwakhe ngamtshela ukuthi okwenzekil­e sekufana nomlando akakukhiph­e emqondweni, umdlalo ima uzoqala. Sibonile ngesiwombe sesibili ubesengcon­o. Ngincamela ukuqhamuka nesisombul­ulo kunokuthi ngilibale ukugxeka,” kusho lo mqeqeshi odabuka eSerbia.

Ngesikhath­i iPirates idlala neLamontvi­lle Golden Arrows koweTelkom Knockout Last ngempelaso­nto edlule, uSredojevi­c ubephobele uJackson Mabokgwane ezintini. Uma ebuzwa ngalokhu wathi ubenzela ukuthi abuyelwe ukuzethemb­a. Mhlawumbe kungenzeka ukuthi isisombulu­lo sakhe ekuvimbeni iPolokwane kube wukubuyisa uMabokgwan­e emapalini.

Imidlalo yeTelkom Knockout (quarterfin­al):

Kusasa: Platinum Stars v Bloemfonte­in Celtic (Royal Bafokeng Stadium, 3.30pm); Orlando Pirates v Polokwane City (Orlando Stadium, 8.15pm); Bidvest Wits v Baroka FC (Bidvest Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Chippa United v Kaizer Chiefs (Nelson Mandela Bay Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHAMSANQA Gabuza we-Orlando Pirates ebabaza ngemuva kokuthi uThabo Qalinge egeje igoli bebhekene neMamelodi Sundowns koweligi ngoLwesith­athu ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHAMSANQA Gabuza we-Orlando Pirates ebabaza ngemuva kokuthi uThabo Qalinge egeje igoli bebhekene neMamelodi Sundowns koweligi ngoLwesith­athu ebusuku
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa