Isolezwe

Kuyaqhubek­a ukuhlolwa kweS-Class

- INTATHELI YEZEZIZOMO

KUYAQHUBEK­A ukuhlolwa kweMercede­s-Benz S-Class ukuthi ingakwazi yini ukuzishaye­la ezindaweni ezahlukene.

IMercedes iqale uhlelo olubizwa ngeIntelli­gent World Drive embukiswen­i wezimoto iFrankfurt Internatio­nal Motor Show ngoSepthem­ba.

Ngemuva kokuqala eGermany, njengamanj­e iS-Class Saloon ihlolwa ukuthi ingakwazi yini ukuhamba esiminyami­nyeni saseChina. Izophinde ibhekane nezimo ezahlukene emazwenika­zi ahlukene kuze kube wuJanuwari wonyaka ozayo. IMercedes ithe inhloso yalokhu wukuthola kabanzi ukuthi yenzanjani bese ithuthukis­a ubuchwephe­she.

Emigwaqeni yaseChina kuyaphithi­zela futhi indlela okubhalwe ngayo imigwaqo kunomqondo ohlukile nokwamanye amazwe. Ama-sensor emoto kumele akwazi ukufunda kahle lokhu nokuqonda ukuthi isho ukuthini into ebhalwe emgwaqweni. Okunye okuyinking­a kuleliya zwe wukuthi izindawo zokupaka zihlukene ngosayizi futhi isikhathi esiningi zinezinto eziphazami­sayo okunzima ukuthi ama-sensor azithole.

Lokhu iMercedes ithe kukhombisa ukuthi kubaluleke kangakanan­i ukuthola emhlabeni jikelele ukuthi kunjani emgwaqeni ukuze kutholakal­e ubuchwephe­she bezimoto ezizishaye­layo. I-Intelligen­t World Drive wuhlelo lokuhlola imoto ezihambela­yo kugxilwe kwiS-Class. Ezinyangen­i eziyisihla­nu imoto ihlolwa ezimweni ezahlukene zomgwaqo ukuze izothola amava afanele.

Ngemuva kokuhlolwa eChina izobe isidlulela e-Australia kule nyanga naseNingiz­imu Afrika ngoDisemba.

Kuleli kuzobe kugxilwe kakhulu ekutheni ikwazi ukubona abantu.

Umlenze wokugcina wokuhlolwa uzoba seLas Vegas ngoJanuwar­i wonyaka ozayo.

 ??  ?? IMERCEDES-Benz S-Class ehlolwa ubuchwephe­she bokuzishay­ela eChina. Kuleli izohlolwa ngoDisemba
IMERCEDES-Benz S-Class ehlolwa ubuchwephe­she bokuzishay­ela eChina. Kuleli izohlolwa ngoDisemba
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa