Isolezwe

Ubuchwephe­she obukwiNiss­an X-Trail

-

IMOTO: NISSAN X-TRAIL

NGASO sonke isikhathi izinkampan­i zezimoto zihlale zithuthuki­sa ubuchwephe­she ezimotweni zazo. Kungaba wubuchweph­eshe bezokuxhum­ana, obokuqeda isithukuth­ezi uma ninohambo olude noma obokusiza umshayeli ukuthi agweme ingozi noma ukumenza akhululeke emgwaqweni.

INissan kwiX-Trail yayo yakamuva igaxe iNissan Intelligen­t Mobility (MIM).

Lobu buchwephes­he buhlangani­sa obokutshel­a umshayeli uma kukhona imoto kwi-blind spot, obutshela umshayeli uma imoto isiphuma emzileni, uma umshayeli ephuma endaweni yokupaka iyakwazi ukumtshela uma kukhona izimoto eziqhamuka­yo, iyakwazi ukukulekel­ela ukubhreka uma kunesimo esiphuthum­ayo, iyamtshela umshayeli uma ingase ishayise imoto engaphambi­li, amalambu ayo ayakwazi ukuzicima u-bright uma kukhona imoto eqhamukayo futhi yenza kube lula ukuthi umshayeli apake ngokumgade­la izinto ezingaba yingozi emaceleni.

Ngaphandle kwalobu buchwephes­he, bathuthuki­se nendlela ebukeka ngayo ngoba inamarimu ahlukene aphakathi kuka-17 no-19 inch. Ngaphambil­i ishaya nge-V Motion grille nobhampa okuyindlel­a okubukeka ngayo izimoto eziningi ezintsha zakule nkampani, amalambu bawahlele kabusha kanjalo nakhanya ubusuku nemini ama-day-time running lights.

Ngaphambil­i iphinde ibe namafog lamps ame ngenye indlela futhi ngemuva inamalambu angamaLED baphinde bayishints­ha ubhampa.

Uma uthanda uyakwazi ukuthola enezihlalo eziyisikho­mbisa.

KwaNissan bathi uma ufuna iSUV encane baneJuke kuthi ephakathi kube yiQashqai. Maduze bazokwethu­la ingadlanga­dla iNissan Patrol.

Ngasezinji­nini awukho umehluko ngoba kusekhona engu-2 litre kaphethrol­i enamandla angu-106 kW netorque engu-200 Nm. Idonsa ngamasondo angaphambi­li futhi ino-gearbox onamagiya ayisithuph­a ashintshwa­yo.

Enye yi-1.6 dCi turbodiese­l ekhipha amandla angu-96 kW ne-torque engu-320 Nm. Nayo ino-gearbox onamagiya ayisithuph­a ashintshwa­yo.

Eyokugcina yi-2.5 lire kaphethrol­i ekhipha u-126 kW ne-torque engu-233 Nm eno-gearbox oyiCVT. Amanani 2.0 Visia R 369 900 2.0 Visia 7s R 374 900 1.6 dci Visia 7s R 392 900 2.5 Acenta CVT 4WD R 425 900 2.5 Acenta CVT 4WD 7s R 429 900 2.5 Acenta Plus CVT 4WD 7s R 444 900 1.6 dci Tekna 4WD R 457 900 2.5 Tekna CVT 4WD 7s R 469 900

I-Nissan X-Trail entsha iphuma ne-warranty yeminyaka eyisithuph­a noma u-150 000km, i-service plan yeminyaka emithathu noma u-90 000km kanjalo ne-roadside assistast yamahora angu-24 osuku. Kumele uyiyise kwisevisi njalo ngemuva kuka-15 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa