Isolezwe

Lungisa kahle isihlalo ubone kahle izibuko uma ushayela

-

indlela oshayela ngayo.

Uma ususiphaka­mise kakhulu isihlalo usengcuphe­ni yokushayis­a ngamadolo esiqwini sesitering­i lokho okwenza umpintshek­e. Uma usisondeze kakhulu phambili ugcina sewuhleli ngokugoqan­a nokweza kube nzinyana ukususa unyawo uluse kwelinye iphedali.

Uma uhleli kabi nezibuko awukwazi ukuzibona kalula. Ngaphezu kwalezi zimo nomzimba wakho uyagqilaze­ka uma ungahleli kahle. Ungazithol­a sewuzwa ubuhlungu emahlombe, emqaleni noma emlenzeni noma ubanjwe ubuthongo kalula kanti yindlela ohleli ngayo.

Uma ushayela uqojeme uyafingqek­a kube nzima ukuthi unyakazise izinyawo ngenkulule­ko nalokho ukwenza kube wubudluntu­dluntu ukushayela kwakho.

Umbono wama hazard uthi, lungisa isihlalo sakho kahle mshayeli ngaphambi kokuthi ususe imoto ihambe. Yizimoto zomjaho kuphela ezishayelw­a wenabile ngoba nazo zakhelwe lokho.

Kubaluleki­le ukubona umbombo wemoto yakho ngesikhath­i ushayela ngoba lokho kukwenza ushayele kangconywa­na ngaphandle kokuqagela ukuthi limi kanjani nokubona ngqo lapho kuhamba khona imoto yakho.

Nebhande lokuphepha kuhle ukuthi ulisondeze ngasehlomb­e libe maqondana nehlombe ukuze likugaxe kahle lingabi sentanyeni noma endlebeni ngoba lokho kungadala ukuthi likusike kabi uma kwenzeka isimo esiphoqa ukuthi likubambe.

Nokusondel­a kakhulu phambili akulungile ngoba kunciphisa ukukhulule­ka komshayeli kumenze ampintshek­e.

Asethembe ukuthi sonke sizozilung­isa izihlalo nalabo abashayela belele bazovuka bamise izihlalo zabo kahle. Ngalawo mazwi sesingawav­ala la awanamhlan­je ama hazard sibuyele emgwaqweni sishayele ngokubuswa nokulandel­a yonke imithetho yomgwaqo ebusa lelizwe ukuze sihlangane sisawuphon­sa umbalane nangesonto elizayo kuyo le ngosi.

Uma ufisa siyiqhube indaba ngena ekhasini lethu Igedlela Lami with Sthembiso Shangase kuFacebook. Ngale kwalokho yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@ gmail.com

 ??  ?? KUBALULEKI­LE ukuthi uma ungumshaye­li uhlele kahle isihlalo sakho ngoba lokho kunomthele­la endleleni oshayela ngayo
KUBALULEKI­LE ukuthi uma ungumshaye­li uhlele kahle isihlalo sakho ngoba lokho kunomthele­la endleleni oshayela ngayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa