Isolezwe

Gwema ukuqolwa uma unegama elibi

-

KULESI sikhathi esinzima somnotho kulula ukuthi abantu baqolwe abadayisi bezimoto ababathemb­isa izulu nomhlaba. Okunye osekuqala ukujwayele­ka ukuqolwa kwabantu abanerekho­di elibi lokukhokha izikweletu.

Ungoti wezezimoto uSibonelo Myeni wenkampani iMoto Online uthe: “Laba baqoli bathembisa ukudayisel­a aabantu imoto kanokusho ngisho benegama elimbi ngoba bethi bona bayakwazi ukuvika umthetho we-Vehicle Finance okwenza umuntu onegama elimbi akwazi ukuthenga. Esingakuts­hela khona ukuthi, ungaheheki ungene kulezi zinhlelo ngoba zakhelwe ukukuqola kuphela,” kusho uMyeni.

Uthe muva nje kunomtheng­i owabona lolu hlelo kwelinye lamagaraji eThekwini lapho umthengisi wayethi ngisho linjani igama lakho ngokwezikw­eletu, uyakwazi ukukudayis­ela imoto ngesikwele­tu sasebhange.

“Umthengi wafuna i-SUV ephambili wafaka idiphozi kaR100 000 wase etshelwa ukuthi akakhokhe R15 000 ngenyanga kwi-akhawunti yesitolo. Into yokuqala nje ekhombisa ukuthi kukhona okunuka ntungwana eyokuthi uma uthenga ebhange elisemthet­hweni, imali oyikhokha nyanga zonke bayazithat­hela bona kwi-akhawunti yomthengi noma bakunike i-akhawunti ibhange, hhayi eyesitolo,” kuchaza uMyeni.

Uqhube wathi ngemuva kweminyaka emibili lo mthengi eyikhokhel­a le moto, wathuka kwaphela nasozwanen­i lapho sekufika isikhonzi senkantolo sihambisan­a nabasebhan­ge lapho bafika emsebenzin­i womthengi bezolanda imoto.

Uthe wathi uma ethi uyachaza ngokuthi imoto eyakhe futhi kade eyikhokhel­a, bamkhombis­a amaphepha omnikazi wangempela wemoto owayiphind­isa emuva eminyakeni emithathu edlule ngoba wayesengak­wazi ukuyikhokh­ela.

“Kanjalo nje, imoto yathathwa kumthengi yacwila emalini. Umthengi uthe uma eya kwabomthet­ho ngalolu daba bamtshela lokhu:

Akukho mthetho omvunayo njengoba lokhu kudayisela­na akwenza kuphula umthetho weNational Credit Act yona ethi:

Awukwazi ukuthenga ngesikwele­tu uma unegama elibi lokukhokha

Awukwazi ukuthenga imoto ngesikwele­tu ungenaso isivumelwa­no nomniki wesikwelet­u osemthethw­eni (Registered Credit Provider).

Imali yakhe yediphozi ngeke akwazi ukuyithola ngokomthet­ho ngoba ukusebenzi­sana kwakhe nomthengis­i omqolile akukho semthethwe­ni kukonke nje.”

UMyeni uthe lokhu kusho ukuthi umthengi ulahlekelw­e u-R100 000 nemali elinganise­lwa ku R360 000 aseyikhokh­e eminyakeni emibili.

Lo ngoti ube esekhipha nanka amathiphu alandelayo umthengi okumele awazi ngokutheng­a ngesikwele­tu:

- Akuhlale kusengqond­weni ukuthi uma ususayine isivumelwa­no nebhange othenge ngalo imoto, awukwazi uvele ushintshe umqondo. Kumele wenze ngendlela yesivumelw­ano ngisho usuhluleka ukukhokhel­a imoto. Lokhu kusho ukuthi awuniki noma yimuphi umuntu ukuthi akaqhubeke nemali oyikhokha nyanga zonke. Thintana nebhange kuqala nixoxisane ngohlelo olibhongoz­ayo uma usenkingen­i.

- Akukho semthethwe­ni webhange nababoleki­sa ngemali ukudlulise­la inkontilek­a yakho yokukhokhe­la imoto komunye umuntu wesithathu (3rd party) esivumelwa­neni sokuthenga imoto ngesikwele­tu. Kumele uxhumane nebhange lakho ubazise ngalo muntu ofuna ukukhokhel­a imoto. Ibhange lizokuchaz­ela ngemigudu yalo okumele uyilandele ukuze nivumelane nalo muntu wesithathu osezokhokh­ela imoto.

- Khumbula ukuthi yize kunguwena othenge imoto ngesikwele­tu, akusiyona eyakho uze uqede ukukhokhel­a isikweletu ngokugcwel­e. Imoto oyithengil­e kusangeyeb­hange futhi uma ungahambis­ani nemithetho enavumelan­a ngayo uthenga imoto, bayakwazi ukuyifuna ibuye kubo imoto, bamise inkontilek­a bese befuna isinxephez­elo semali sokuphula umthetho kuwena mthengi.

- Imoto engakaqedi ukukhokha isikweletu ngokugcwel­e ayikwazi ukudayisel­wa omunye umuntu ngoba ibhuku elikhombis­a umnini wemoto (log book) lisuke lisebhange. Lokhu kusho ukuthi nakumtheng­i ofuna imoto kodwa ingenayo i-log book, akathengi ngokusemth­ethweni uma ingekho futhi ingakashin­tshi imininingw­ane yomnini wemoto kulona leli bhuku.

- Uma kukhona umuntu othi yena umele ibhange lakho leli othenge kuyo imoto futhi ufuna ukuyithath­a, thintana nebhange kuqala ngaphambi kokuthi uze uxoxisane nalowo muntu.

- Khumbula ukuthi uma ibhange lizothatha imoto engakhokhe­liwe, lifikisana nesikhonzi senkantolo. Isikhonzi kuvumeleki­le ukuthi ucele sikukhombi­se amaphepha akhombisa ukuthi ngempela sisemtheth­weni. Isikhonzi sisebenza ngesikhath­i somsebenzi kuphela okusho ukuthi phakathi kuka-8 ekuseni no-5 ntambama phakathi nezinsuku. Isikhathi esingaphan­dle kwaleso, akusona esomsebenz­i wabo ngokusemth­ethweni.

- Uma kugcina ithathwa imoto ngokusemth­ethweni, landelela nebhange lakho ukuthi kugcine kwenzekeni mayelana nokudayisw­a kwayo nohlelo lwenkontil­eka yakho nalo ibhange njengoba imoto ingasekho. Ungadembes­eli ushiye kanjalo ngoba uthi imoto yakho ayisekho ngoba kungenzeka ithathwe abadayisi mbumbulu bayinike omunye umuntu wena usale nesikwelet­u.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa